Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kuyakhula ukukhathazeka njengoba uMnyango wezeMpilo uqinisekisa umuntu wesithupha otheleleke enesifo sohudo eGoli.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesine, uMnyango wezeMpilo uthe “izwe selithole omunye umuntu otheleleke nesifo sohudo futhi lokhu kwandise isibalo sabagulayo safinyelela kwabayisithupha.”
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMotalatale Modiba uthe isiguli esisha ngowesifazane (19) ohlala emijondolo yase-Emandleni, e-Benoni esifundeni sase-Ekurhuleni eGoli.
“Isiguli sihlonzwe i-Outbreak Response Team ngesikhathi kulandelwa umkhondo nokuxhumana nabantu lapho okutholwe khona abantu abangaphezu kuka-1,160.
“Ubengomunye wabantu ababili abakhombise izimpawu zesifo sohudo wabe esedluliselwa esibhedlela ukuze ayohlolwa. Imiphumela yokuhlolwa kwakhe ibuye yathi uthelelekile. Uthole ukwelashwa futhi uyalulama,” esho.
UModiba uthe izikhulu zezempilo zizoqinisa ukuthungathwa kwabantu kanye nokufundisa ngezempilo ezindaweni ezithintekile.
“Yize singekho isidingo sokuthi umphakathi wethuke, uMnyango ukhathazekile ngokwanda kwesibalo sabantu abahaqwe isifo sohudo futhi unxusa bonke abantu abanezimpawu zekholera kanye nabanomlando wokuvakasha emazweni angaphandle ukuthi bavakashele izikhungo zezempilo eziseduze nabo. Isifo sohudo siyavikeleka futhi siyelapheka,” esho.
Umnyango usazosungula umthombo wendawo eyisizinda sesifo sohudo kuleli, kodwa abantu bayakhunjuzwa ukuthi bazijwayeze ukugeza izandla nokuthi bagweme ukuphuza noma ukupheka ukudla ngamanzi angahlanjululwanga aphuma emifuleni noma emadamini.
Ekuqaleni kukaNhlolanja kuqoshwe ukutheleleka okubili kwesifo sohudo e-Diepsloot. Odade ababili bahambe ngebhasi besuka e-Malawi beya eGoli futhi batholwe benezimpawu zesifo sohudo eziqinisekiswe uMnyango wezeMpilo.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla umemezele ukushona koyedwa obephethwe isifo sohudo kuleli ngoLwesine ngesikhathi isibalo sabantu asebeqinisekisiwe simi kwabayisithupha.
Ngokusho koMnyango wezeMpilo eGoli, usuphinde walandela umkhondo wabantu abangu-12 abasondelene nabashonile kanti ababili sebedluliselwe esibhedlela i-Tambo Memorial.
Umthombo: Twitter: @CliffShiko