Ingebhe kubhebhetheka isifo se-Ebola e-Uganda

Dylan Bettencourt

UMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni useyalele abelaphi bendabuko ezweni lakhe ukuthi bamise ukusebenza kuze kunqandwe ukubheduka kwe-Ebola.

Ukuqubuka kwesifo esidlule nemiphefumulo yabantu abaningi sekufinyelele enhlokodolobha enabantu abaningi e-Kampala futhi sisabisa ngokuthatha izimpilo eziningi.

Njengengxenye yohlelo lokuvikela ukubhebhetheka kwalesi sifo esiyingozi uMengameli uMuseveni uyalele bonke abelaphi bendabuko ukuthi bayeke ukusebenza.

“Izangoma, abathandazi kanye nezinyanga akumele bamukele abantu abagulayo manje. Yekani enikwenzayo,” kusho uMengameli (78) kumabonakude kazwelonke.

“Abukho ubuthakathi lapha. I-Ebola yisifo. Imiphakathi esezindaweni ezithintekile kufanele yazi ukuthi i-Ebola iyabulala futhi isabalala ngokuthintana nomuntu othelelekile.”

UMuseveni uphinde wayalela bonke onogada ukuthi babophe noma ngubani osolwa ngokuthi uhaqwe yileli gciwane owenqaba ukuhlala yedwa.

Ukuthelelana kokuqala kwalesi sifo edolobheni lase-Kampala kube ngowesilisa (45) owephule umthetho wokuzihlukanisa ngesikhathi eyebona isangoma endaweni yangakubo ngaphambi kokuthi izihlobo eziyisithupha zibulawe i-Ebola.

Lona wesilisa ungeniswe esibhedlela lapho ashonele khona.

I-World Health Organisation (WHO) ixwayise “ngengozi enkulu” yokusabalala kwe-Ebola phakathi kwabadayisi abamatasa abahamba behla benyuka benqamula umngcele wase-Uganda.

Uhlelo lokugoma okuhlukile kohlobo lwe-Ebola e-Sudan olubangela ukuqubuka kwalesi sifo kulindeleke ukuthi kuqale emasontweni azayo.

Uhlelo lokugoma luhloliwe kumavolontiya anempilo kodwa ukugoma kuzoqala phakathi kwabasebenzi bezempilo kanye nalabo abahaqwe i-Ebola.

Ithimba le-Ebola likazwelonke lase-Uganda liphakamise ukwesaba ukuthi leli gciwane kungenzeka libe khona amasonto ambalwa ngaphambi kokutheleleka kokuqala okuqinisekisiwe ngomhlaka-20 kuMandulo.

Kulabo abahaqwe igciwane i-WHO iqinisekise ukuthi kunabantu abangu-54 abahaqwe yilesi sifo kanti kuqinisekiswe abangu-19 abashonile, abane kulaba bekungabasebenzi bezempilo.

Umthombo wesithombe: @WHOAfrica

Izihloko zakamuva