Ingebhe izikhukhula ziphinda zihlasela eKZN

Dylan Bettencourt

IKwaZulu-Natal isathwele kanzima ngenxa yezikhukhula zakamuva ezicekele phansi isifundazwe ngenyanga edlule.

Kodwa ubuhlungu abukapheli njengoba iphinde yahlaselwa ezinye izikhukhula.

Phakathi kwemibiko yomonakalo odalwe yimvula enamandla, kubalwa amafulethi aseMdloti okukhishwe abantu kuwo ngemuva kokuwa ngoMgqibelo ebusuku.

“Sibambisene namaphoyisa   endaweni yesigameko yaseMdloti sitakule abantu ngokuphepha efulethini ebeliqala ukuwa,” kusho uPaul Herbst we-Medi Response.

Kwezinye izindawo eziningi sekukhishwe abantu abaningi njengoba abezimo eziphuthumayo sebeqaphe ngeso lokhozi kanti nombutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) usutshaliwe.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eKZN, uRobert McKenzie, uthe bekungakabikwa muntu olimele.

“Sinxusa umphakathi ukuthi uqaphe kakhulu futhi ugweme ukuwela ezindaweni ezigcwele amanzi noma izindawo ezigcwele izikhukhula ngoba amanzi anamandla futhi angakhukhula abantu nezimoto,” esho.

“Ngisho nasemfudlaneni omncane ungaminza uma ungakwazi ukuwela.”

UNdunankulu waseKZN, uMnu Sihle Zikalala, uthumele umyalezo wokweseka labo abakulesi sifundazwe wathi izindawo eziningi sezisengcupheni yezikhukhula.

“Sikhipha isexwayiso kuyo yonke imiphakathi yethu ikakhulukazi eseningizimu yeTheku, iTheku elihlanganisa uMlazi, e-Wentworth, eSiphingo, eManzimtoti, e-Westbrook, kanye nezindawo ezisenyakatho okubalwa kuzo uMdloti, nasoThongathi.

“Sitakule abantu Othongathi Waterways ngosizo lwe-SANDF,” esho.

I-South African Weather Service ithe imvula kulindeleke ukuthi iqhubeke isonto lonke ngemuva kokukhipha isexwayiso sezinga leshumi, okuyisexwayiso esiphezulu sesimo sezulu esingesihle.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva