Lubhalwe nguNothando Makhubela
Imvula enamandla eqhubekayo ezindaweni ezakhelene nesifunda saseNkomazi eMpumalanga ibulale ibhungu, yacekela phansi imizi eminingi yaphinde yacekela phansi namabhuloho ayisishiyagalolunye.
Imvula encane iqale ukuna ntambama mhla zinhlanu kuNhlolanja futhi iye yanda ngobusuku bangoLwesithathu mhla ziyisishiyagalombili kuNhlolanja.
Izakhamizi eziningi eziqashiwe azikwazanga ukuya emsebenzini nezingane azikwazanga ukuya esikoleni.
Umufi obefunda umatikuletsheni u-Andile Mkhatshwa ekanye nomngani wakhe bebesendleleni ebuyela esikoleni okuhlalwa kuso iShongwe. Umuke nomfula ngesikhathi ezama ukuwela umfula u-Mlumati onqamula phakathi kwe-Driekoppies ne-Schoemansdal eNkomazi.
Kuthiwa uMkhatshwa nomngani wakhe banyonyobile baphuma esikoleni beyofuna ukudla kwasemini. Umngani ukwazile ukubhukuda waze wafika endaweni ephephile wacela usizo.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ilungu lomndeni uForgive Mashaba akakwazanga ukubamba izinyembezi.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi isidumbu sika-Andile asikatholakali. Sekuphele izinsuku siya emfuleni namanje asikatholi lutho. Esikufisayo ukuthola isidumbu sakhe ukuze simngcwabe ngesizotha.
“U-Andile ubengumuntu olungile, ehlakaniphe kakhulu ehlezi ekhuluma futhi emamatheka. Umama wakhe ukhungathekile,” engeza.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga uJasper Zwane uthe: “Umnyango ushaqekile ngesikhathi uthola ngalesi sigameko futhi usuthumele izikhulu ukuthi ziyokweseka isikole kanye nomndeni.
“Sisebenzisana namaphoyisa ukuze sithole isidumbu somfundi omuke nomfula.”
Isakhamuzi sase-Driekoppies uMnu Simphiwe Ntuli uthe: “Le mvula iyingozi kakhulu. Bengilokhu ngisula amanzi egumbini lami kusukela ngoMsombuluko. Izingane zami azikwazi ukuya esikoleni nendlu yami iyavuza.”
Okhulumela umasipala waseNkomazi uCyril Repinga uqinisekise ku-Scrolla.Africa ukuthi amabhuloho ayisishiyagalolunye agugulekile.
Esithombeni esingenhla: Umtholampilo i-Nkomazi Naas othintekile ngenxa yemvula enamandla
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe