Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amabhubesi amabili eqe lapho abevalelwe khona e-Mfolozi Hluhluwe Game Reserve nokuyinto edale ukuthuka emiphakathini yaseMlalazi, eShowe enyakatho yeKwaZulu-Natal.
La mabhubesi amabili agcine ukubonakala ecashe endaweni yaseMphendle ngempelasonto futhi lokhu kuqubule ukukhathazeka ngokuhlaselwa kwabantu bakule ndawo kanye nemfuyo.
UNonhlanhla maKhumalo Jele okhulimela uMasipala waseMlalazi ugqamise ukushuba kwesimo wakhuluma kakhulu ngokuphepha kwezingane.
“Izingane zisengcupheni kakhulu futhi sinxusa abazali ukuthi bathathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha kwezingane. Okwamanje asazi ukuthi la mabhubesi akuphi,” kusho uMaKhumalo Jele.
Uthe njengoba kuhlalwa emaphandleni izingane zendawo ngokuvamile zithatha uhambo olude, ziwela imifula namahlozi ukuze zifinyelele ezikoleni zazo.
“Ukuze kugwenywe ubungozi obungadalwa ilamabhubesi, izakhamizi zelulekwe ngokuthi zihambe ngamaqembu.
Abazali bazinikele ekutheni baphelezele izingane zabo uma ziya esikoleni ukuze ziphephe.” usho kanje.
Uthe i-Ezemvelo KZN Wildlife isihlanganise amathimba azolandela la mabhubesi eqile.
“Ngeshwa akukhona okokuqala kwenzeka into efana nalena KwaZulu-Natal. Ukubonwa kwamabhubesi ezindaweni ezingalindelekile kuye kuphazamise imiphakathi futhi kubeke engcupheni nemfuyo,”
Izigamekweni ezedlule amabhubesi aphunyuka e-Dundee ngo-2017, oLundi nase-Vryheid ngo-2021 futhi lokhu kwadala ukuphazamiseka emiphakathini yendawo. Nyakenye kweqa amabhubesi ayisithupha eHluhluwe Imfolozi Park. Kodwa lamabhubesi agcina ebulewe.
Ukuthungathwa kwamabhubesi amabili kusaqhubeka eMlalazi. Iziphathimandla zinxusa izakhamizi ukuthi zihlale ziqaphile.
Esithombeni esingenhla: Agcwele amathafa amabhubesi amabili eqe eHluhluwe Imfolozi Park
Umthombo wesithombe: Isiqiwu saseHluhluwe