Ingebhe emphakathini kweqa izindlovu esiqiwini

Elmon Tshikhudo

Izindlovu eziyisithupha ezibonakale emasontweni amabili edlule eduze kwase-Makuya Musunda ngaphandle kwase-Musina zicekele phansi impahla kanti nabantu bendawo sebesabela impilo yabo.

Lezi zindlovu okukhona kuzo nencane, kukholakala ukuthi ziphume othangweni oluwile.

Kuthiwa zidale umonakalo omkhulu emapulazini endawo.

Isakhamuzi uLivhuwani Mukwevho uthe abaqaphi besiqiwi abanayo enye indlela ngaphandle kokuthi bazibulale lezi zindlovu. Kodwa kusekhona ezinhlanu ezizulazula endaweni.

“Ezinsukwini ezimbili ezedlule sabona izindlovu lapha, sabikela abaqaphi, abafika kwadingeka ukuthi bajove enye yezindlovu eyayinolaka, ngaphambi kokuba zibuyiselwe epaki,” kusho uMukwevho.

“Sizizwa singaphephile. Sidinga uhulumeni enze okuthile ukuvimba lezi zilwane.”

UMukwevho uthe isiqiwi esiseduze nesigodi sabo sinezilwane zasendle ezinkulu ezinhlanu okubalwa: izindlovu, amabhubesi, izingwe, izinyathi nobhejane.

Umholi wendawo u-Africa Kwinda uthe bebecabanga ukuthi umhlambi usuphindele emuva epaki ebizwa nge-Makuya, kodwa bashaqekile uma sebebona izindlovu zizulazula ezindaweni ezihlala abantu nasemapulazini.

“Sisengozini, uma kungenziwa okuthile maduze kukhona inhlekelele engenzeka,” kusho uKwinda.

“Besicabanga ukuthi ngeke sibe nenkinga ngemuva kokuthi umhlambi wezindlovu ubuyiselwe epaki. Kodwa zibuyile futhi zibonakale esigodini ngoLwesihlanu.”

Uthe alusekho uthango oluhlukanisa ipaki nendawo yabo njengoba izilwane ziphuma zihambe ngokufisa kwazo.

“Ngabe uhulumeni ulindele ukuthi kufe umuntu ngaphambi kokuthi enze okuthile?”

UKwinda uthe lezi zilwane ziphinde zadala umonakalo omkhulu emapulazini endawo, lapho kucekeleke khona izihlahla zezithelo.

“Siyacela uhulumeni ukuthi alulungise uthango ngaphambi kokuthi kwenzeke okubi,” kusho uKwinda.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo e-Limpopo, uZaid Kalla, ukuqinisekisile ukuthi bayabikelwa ngezindlovu eziduka kule ndawo izikhathi ngezikhathi.

“Sisabela kukho konke okubikwayo njengoba into esemqoka yethu ukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi zethu,” kusho uZaid.

“Ezinye izindlovu ezidukile zibuyela endaweni yazo ngesikhathi sisazibheka. Ngeshwa bekumele sizibulale ezinye zazo.”

Izihloko zakamuva