Arthur Greene
Ngesikhathi isibhakabhaka edolobheni lase-Australia i-Mildura sigcwala umbala ophinki ezinye izakhamuzi bezicabanga ukuthi zivakashelwa ama-aliens
Abanye bebecabanga ukuthi lokhu ukuphela komhlaba.
“Bengikhuluma nomama kumakhalekhukhwini ubaba wami ememeza ethi umhlaba uyabhubha,” kusho uTammy Szumowski etshela i-Guardian.
Isizathu sangempela salokhu bekwenziwa isitshalo sokwelapha sendawo.
Intuthu ephinki ebivela kulesi sihlahla ayizange igulise izakhamuzi zendawo. Amalambu asiza ukuthi isihlahla sensangu sikhule ashiywe ekhanyisiwe ngephutha kanti bakhohlwe nokuvala amakhethini.
Le ntuthu ephinki igcwale isibhakabhaka sonke.
“Ukusatshalaliswa kwensangu kuyathakazelisa ngempela futhi indlela abasebenzisa ngayo izibani ukusiza isihlahla sikhule ngokushesha kuyamangalisa,” kusho uDkt Anne Webster isakhamuzi sendawo sitshele leli phephandaba.
Lesi sikhungo siqhutshwa ngabakwa-Cann Group Ltd okuyinkampani yokuqala e-Australia ekhiqiza insangu yokwelapha.