Ingcindezi yokuboshwa kukaJZ ifake uMaKhumalo esibhedlela

Lungani Zungu

Njengoba uJacob Zuma esesibhedlela samasosha, unkosikazi wakhe weminyaka ecishe ibe ngamashumi amahlanu, uSizakele, naye akaphilile.

Unkosikazi kaZuma oneminyaka engama-81, ovame ukubizwa ngegama lakhe lobuntombi likaMaKhumalo, ubesenesikhathi ebuthaka. Kodwa ukuboshwa kukaZuma ngenyanga edlule kwenza impilo yakhe yaba nzima.

“Akaphilile neze. Kodwa siyethemba ukuthi uzoba ncono,” kusho umfowabo kaZuma uKhanya etshela i-Scrolla.Africa.

Akashongo ukuthi uMaKhumalo uphethwe yini.

NgoLwesine, abalandeli bakaZuma bahlangane ngaphandle komuzi wakhe oseNkandla bezokhulekela ukuthi alulame.

Bebecula izingoma zomzabalazo nezomculo wokholo ngaphakathi etendeni elakhiwe eduze kwalapho okungenela khona emzini kaZuma – obize umkhokhi wentela izigidi ezingama-R246.

Umsekeli kaZuma, umbhishobhi ongusopolitiki uVusi Dube, ubephakathi kwabantu abebehambele inkonzo yomkhuleko.

Omunye womakhelwane bakaZuma, ongathandanga ukudalulwa, ubone isithuthi seziguli emzini oseNkandla ekuqaleni kwesonto. Watshelwa ukuthi uMaKhaumalo uyalashwa.

“Siyethemba uzosinda ngokushesha. Ayikho indlu okumele ibe nobaba nonkosikazi omdala abangaphilile,” kusho lo makhelwane.

Ngenkathi uZuma ephuma ngemoto endlini eseNkandla ngenyanga edlule eya ejele lase-Escourt, uMaKhumalo waquleka ngaphakathi.

“Kusukela ngalolo suku, akaze aphile,” kusho uKhanya.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, ummeli kaZuma u-Advocate Dali Mpofu utshele inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi udinga ukwelashwa okuphuthumayo ngemuva kokulimala “kabuhlungu” ngonyaka owedlule.

Yize egcizelela ukuthi uZuma akakulungele ukuvela enkantolo, uMpofu akazange adalule isimo sikaZuma. Ngisho nabasondelene naye babonakala besebumnyameni.

UZuma ugwetshwe izinyanga eziyi-15 ebhadle ejele ngemuva kokuphikisana nemiyalelo emibili yenkantolo emtshela ukuthi avele phambi kwekhomishini yokulawulwa kombuso.

Izihloko zakamuva