Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Abafundi ababili abaphume phambili ngokuphasa isifundo se-Physical Science kumatikuletsheni ka-2022, babhekane nokukhathazeka nokwesaba njengoba kuyibona abaphume phambili kuleli.
UBoikanyo Khoza noTebatso Dilebe abakade befunda esikoleni samabanga aphezulu e-Tipfuxeni e-Stinkwater, enyakatho ne-Tshwane bobabili bathole u-300/300 kwi-Physical Science.
UBoikanyo uphinde wathola u-100% ezibalweni kwathi uTebatso wathola u-99%.
UBoikanyo uthe uqale ukubhekana nobunzima ngenxa yengcindezi ayithola efunda umatikuletsheni.
“Bekulindeleke ukuthi sibhale izivivinyo masonto onke kanti inhloso yami bekuwukuzenza zonke. Lokhu kwangiphoqa ukuthi ngivimbe yonke into futhi ngigxile ezifundweni zami kuphela.
“Bekunesikhathi lapho umndeni wami kudingeka ungiyise emtholampilo ukuze ngisizakale ngengcindezi okuyilapho engifunde khona ukubhekana nanoma yini,” engeza.
UTebatso uthe ubedlulisa ingcindezi ngokuzivocavoca nokugxila entweni eyodwa ngesikhathi.
“Ayikho enye into engangingayenza ngaphandle kokuthi ngisebenze kanzima ngoba ngangazi ukuthi imiphumela yami kamatikuletsheni iyona kuphela engangenza ngithole umfundaze ngisize abazali bami.
“Ubaba uhola impesheni futhi ubedela imali yakhe yempesheni ukuze ngikwazi ukuhambela izifundo ezengeziwe zezibalo ne-Physical Science njalo ngoMgqibelo.”
Laba bobabili bathi baqale ukulungiselela ikilasi labo likamatikuletsheni ngesikhathi befunda ibanga lesishiyagalombili ngemuva kokukhetha uchungechunge lwezifundo zabo.
Bafake isikhathi sabo sonke ezifundweni zabo zikamatikuletsheni befunda amaphepha anemibuzo eminyaka edlule kanye nokuhambela izifundo ezengeziwe ngoMgqibelo nangamaSonto.
UBoikanyo uqhube wathi ubengazithembi nge-Physical Science, kodwa ubenesiqiniseko ngezibalo.
“Othisha nabazali bami bangigqugquzele ukuthi ngibambe iqhaza futhi ukungiseka kwabo kule minyaka emithathu edlule kusize ekudambiseni ukukhungatheka.”
Abazali balo mfundi bathi banqume ukungamenzisi imisebenzi yasekhaya ukuze agxile ezifundweni zakhe.
Abafundi bebengavunyelwe ukwenza noma yini ngaphandle kokufunda nokuphumula uma sebeqede umsebenzi wabo wesikole wosuku.
Abasesithombeni esingenhla: UBoikanyo Khoza noTebatso Dilebe
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe