Ingcindezi iyakhula ngokuvalwa kwezikole

Kunezincingo ezikhulayo ezweni lonke zokuthi izikole zivalwe ngenxa yokukhula kwe-Covid-19.

ngoLwesibili, othisha e-Alexandra babambe imashi enokuthula ebihambisana nomgomo wokuqhelelana bebhikishela izikole ezivuliwe.

Othisha bathe abanye ozakwabo kwezinye izikole ezahlukene elokishini kanye nakwezinye izinxenye zezwe batholakale negciwane.

Banxusa uhulumeni ukuthi avale izikole ukuze bavikeleke kanye nezingane.

Ezinye izikole zase-Alex zivaliwe ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane.

ETembisa, izikole ezinhlanu zivalwe ngamalungu omphakathi akhathazekile, amanye kunezithombe zawo phezulu.

“Iningi lalezi zingane zinakekelwa ogogo nomkhulu. Ukuvumela ukuthi izikole ziqhubeke nokusebenza kusho ukubulala umphakathi  ikakhulukazi abantu abadala abanamasosha omzimba aphansi,” kusho uMichelle, omunye wababhikishi base-Alex.

UNgqongqoshe wemfundo eyisisekelo uAngie Motshekga uzohlangana nezinyunyana zothisha ngoLwesithathu.

Izihloko zakamuva