Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Osopolitiki abasezingeni eliphezulu bavimbe iSilo samaBandla uMisuzulu ukuthi sikhulume nesizwe samaZulu ngoLwesithathu.
Bekumele iSilo sikhulume nesizwe saso bukhoma kumabonakude esiteshini se-SABC1 ngo-11 ekuseni ngoLwesithathu, kodwa le nkulumo ibe isihlelelwa ukuba ngo-12 emini. Iphinde yahlelelwa ukuba ngehora lesithupha ntambama kodwa ekugcineni le nkulumo ayizange iboniswe kumabonakude.
ISilo samaBandla sigcine sinengxoxo ngehora lesithupha ntambama emsakazweni Ukhozi FM okuwumsakazo wakwa-SABC wolimi lwesiZulu ozinze eThekwini.
Sixoxa nentatheli uDumisani Ndimande ohlelweni iSilo samaBandla sicacise izinto eziningi okubalwa kuzo ubudlelwano baso noNdunankulu kaZulu Inkosi uMangosuthu Buthelezi.
Umthombo uthe kufike owayenguNgqongqoshe ngesikhathi iSilo samaBandla silungiselela ukuya emoyeni ukuyokhuluma nesizwe bukhoma.
“Kodwa lo mlisa uye wasimisa iSilo wagcizelela ukuthi le nkulumo ingase idale uthuthuva esizweni samaZulu ikakhulukazi njengoba uNdunankulu ehlela umhlangano nabaholi bomdabu ngoLwesihlanu,” kusho umthombo.
“Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi owayenguMengameli wezwe ashayele iSilo ucingo esicebisa ngokuthi sihoxise le nkulumo ngoba izolimaza ubudlelwano baso noNdunankulu kaZulu.
Engxoxweni noKhozini FM iSilo siveze ukuthi akukho ukungaboni ngaso linye phakathi kwaso noButhelezi.
Uthe azikho izinhlelo zokukhuluma ngodaba lokuthatha umhlalaphansi kukaButhelezi njengoba esasebenzela iNgonyama kahle kakhulu.
“Amahlebezi okuthi kunokungezwani phakathi kwami noMntwana wakwaPhindangene (Buthelezi) imizamo esobala yokudala uqhekeko phakathi kwesizwe samaZulu nobukhosi, ngiyanixwayisa! Iyekeni lento eniyenzayo,” kusho iSilo samaBandla.
Uphinde wethula amalungu amasha ebhodi leNgonyama Trust. Uthe umsebenzi wabo ukuqala inkathi entsha yokuthuthukisa izindawo zasemakhaya kusetshenziswa umkhakha wezimayini.
Uphinde wathi ibhodi leNgonyama Trust lizoqhuba uhlelo lokuqeqesha abantu abasha ukuze babambe iqhaza ekuthuthukisweni komnotho wasemakhaya.
ISilo sinxuse abantu baso ukuthi basethembe baphebeze amahlebezi okuthi sizodayisa umhlaba woyisemkhulu.
Uncome iqhaza likasihlalo wangaphambilini webhodi leNgonyama Trust iJaji uJerome Ngwenya ngokuvikela umhlaba wabaholi bendabuko kanye nemiphakathi yabo.
Unqabile ukungena ezindabeni zombango wobukhosi ngokubusa kwakhe wathi ngeke akwazi ukuphawula ngoba udaba lusenkantolo.
ISilo siphinde sanqaba ukuphawula ngezincwadi ezifungelwe obekufanele zifakwe uButhelezi ngoNhlolanja eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng mayelana necala lesikhundla sobukhosi bakaZulu.
Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, kanye nowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma
Umthombo wesithombe: Twitter