Ingase ivalwe imboni ekhiqiza umgomo yokhuvethe

Dylan Bettencourt

Imboni yaseNingizimu Afrika yokugomela i-Covid-19 bekucatshangwa ukuthi izoletha inguquko enkulu esibalweni sokugoma e-Afrika yonkana.

Kodwa lesi sikhungo esivulwe ngabakwa-Aspen Pharmacare asikaze sithole nelilodwa i-oda selokhu savulwa ngoLwezi nyakenye futhi kungenzeka sivalwe.

I-Aspen yenza isivumelwano ngoLwezi odlule sokukhiqiza nokudayisa imigomo ye-Johnson & Johnson ukuze iyisabalalise e-Afrika yonkana.

Lesi sikhungo sokukhiqiza nokusabalalisa ngesokuqala ngqa e-Afrika.

I-World Health Organisation (WHO) ikubize lokhu njengesikhathi senguquko emkhankasweni wokulingana e-Afrika mayelana nokufinyelela emithini yokugomela i-Covid-19.

Izibalo zakamuva zokugoma ze-WHO e-Afrika zikhombise kuphela abantu abangu-60 abadala ezwenikazi lonke abagonyiwe ekupheleni kukaNdasa. 

Isivumelwano sabakwa-Aspen sokuthengisa uhlobo lwabo lomgomo i-Aspenovax sibukeke njengesixazululo sokwandisa lelo nani.

Nokho awekho ama-oda omgomo wabo.

“Akukaze kube nama-oder angenayo e-Aspenovax,” kusho umqondisi omkhulu we-Aspen uStavros Nicolaou etshela abe-Reuters.

“Uma singatholi noma iluphi uhlobo lwama-order okugoma ngokusobala asikho nesizathu sokuthi sqhubeke sidayise imgomo.”

Umqondisi we-Africa Centres for Disease Control and Prevention’s (i-Africa CDC) uJohn Nkengasong uthe amazwe awawu-odi lo mgomo ngoba kunemithamo yamahhala etholakala kwamanye amazwe.

Isidingo semithi yokugomela i-Covid-19 sabona amazwe ase-Afrika kufanele athenge imithamo kubakhiqizi ngonyaka odlule.

Kodwa-ke amazwe amaningi asentshonalanga athenge imithamo yokugoma eminingi kunaleyo edingekayo selokhu aqala ukunikela ngemithamo eyeqile.

UNicolaou uchaze ukuthi imboni yaseMpumalanga Kapa yayinomgomo wokukhiqiza eminye imithi yokugoma kodwa wacabanga ukuthi umthamo wokuqala womuthi wabo wokugoma wawuzosungula lo msebenzi.

“Uma bengavali leli gebe lesikhathi esifushane ngama-oda angeke bakwazi ukuqhubekela phambili.”

I-African Union (AU) inomgomo wokukhiqiza u-60% wayo yonke imithi yokugoma esetshenziswa ezweni ngonyaka ka-2040.

Njengamanje i-Afrika ikhiqiza kuphela u-1% wemithi yokugoma.

“Uma i-Aspen ingakutholi ukukhiqizwa imaphi amathuba akhona kwezinye izinhlelo?” kusho uNicolaou mayelana nenhloso ye-AU.

Umthombo wesithombe: @Bloomberg

Scrolla World Cup Quiz