Razeen Gutta
Njengoba ama-Red Devils ehlele ezansi kwi-Premier League sekugcwele amahlebezi okuthi umndeni wakwaGlazer ungase uthengise iqembu kanti usozimali wase-Britain ubukeka enetshisekelo yokuthenga.
USir Jim Ratcliffe uphinde abe i-CEO ye-Ineos Group Ltd futhi ungumnikazi we-Ligue 1 side Nice. Nokho okwamanje usematheni ngokuba nentshisekelo yokuthenga elinye lamaqembu amakhulu ebhola lase-England.
Lo sozimali oneminyaka engu-69 ubudala usanda kufaka isicelo sokuthenga i-Chelsea. Lesi sicelo besilinganiselwa ku-R80 billion futhi sachithwa njengoba usomabhizinisi waseMelika uTodd Boehly egcine ethathe izintambo e-London.
URatcliffe ungumlandeli we-Manchester United nokho okhulumela lo somabhizinisi uthe intshisekelo yakhe ilele lapho.
“Uma iqembu lidayiswa uJim ungaba umthengi. Uma into efana nalena ibingenzeka singaba nentshisekelo yokukhuluma ngenhloso yobunikazi besikhathi eside,” kusho okhulumela uRatcliffe etshela iThe Times.
“Lokhu akumayelana nemali esetshenzisiwe noma engasetshenziswanga. UJim ubheka ukuthi yini engenziwa manje futhi uyazi ukuthi leli qembu libaluleke kangakanani edolobheni uzwa sengathi isikhathi esifanele sokuthi kwenzeke izinguquko.”
Ngasekuqaleni kwaleli sonto isikhulu se-Tesla ne-SpaceX u-Elon Musk sibhale ku-Twitter ukuthi sizothenga iqembu ngaphambi kokuthi sithi siyadlala.
Ukuwa kwe-Manchester United eminyakeni yakamuva kushaye kakhulu kubanikazi bayo baseMelika umndeni wakwaGlazer.
Iqembu labasekeli i-The 1958 likuqinisekisile ukuthi lizobhikishela abakwaGlazers ngoMsombuluko njengoba i-United izokwamukela izimbangi zayo ezinkulu e-Liverpool e-Old Trafford.
“Umdlalo we-Liverpool uzobukelwa umhlaba wonke. Kungumdlalo wabalandeli be-United ukuhlangana ndawonye futhi sibonise umhlaba ukunganeliseki kwethu okujulile ngalokhu okwenzekayo futhi kubulala isikhungo sebhola esikhulu kunazo zonke ebholeni lomhlaba,” kusho isitatimende.
Umthombo wesithombe: @ManchesterEveningNews