Ingane kaSophie Ndaba ikhiphe ingoma eveza indlela uMax Lichaba ayeziphatha ngayo esashade noSophie

Sizwe Sibiya

Indodana kaSophie Ndaba owayengumlingisi womdlalo i-Generation isikhiphe ingoma ekhuluma mayelana nomshado kamawakhe nosomabhizinisi uMax Lichaba.

Kule ngoma isihloko sayo sithi-My step Devil, uLwandle Ndaba uchaze uLichaba njengosathane.

Uyathatha aphinde aphule. 

Uyalimaza aphinde abe ngumkhohlisi kusho uNdaba owaziwa ngelika-Ocean L esiteji kwingoma yakhe ethatha imizuzu engu-3:42.

Le ngoma iphume njengevidiyo ngenkathi eyifaka ekhasini lakhe laku-Instagram ngempelasonto.

Uyimbangela yokuthi umama wami waba nesifo sokucindezeleka. 

Wamusebenzisela udumo lwakhe nemali yakhe. Wakuthola konke lokho wasishiya singenalutho esho ecula waphinde wathi kwakumele baqale phansi ngemuva kokuba uMax benoSophie behlukane.

Okuthusayo lo mculi omangazayo uveze ukuthi kwakunzima ukuba bazame into abazolala beyidlile ekubeni uMax wayezithengela izimoto ezintsha ezibizayo.

Kukhona nemibiko ethi uLichaba wajolela uSophie ngaphambi kokuba bahlukane ngowezi-2020.

Umthombo wevidiyo: @cloutduke

Izihloko zakamuva