Ingane kasaziwayo ohlelweni lukaTrevoh

Sizwe Sibiya

Umsakazi u-Anele Mdoda ubukeka ephila impilo emnandi kakhulu e-New York City nendodana yakhe (6) u-Alakhe.

Lo saziwayo (37) wase-Mthatha usabalalise izithombe zendodana yakhe ihleli ohlelweni lwe-Daily Show Studios ngosuku uBurna Boy ayefike ngalo engxoxweni abenayo nomsakazi uTrevor Noah.

“UBurna Boy uyisivakashi kwi-The Daily Show namuhla ebusuku kanti u-Alakhe ubesemcimbini wokwamukela abantu. Kube ingxoxo enhle kakhulu. UBurna Boy ubenesikhalo ngoTrevor futhi ubengenaphutha shem,” kubhala u-Anele embhalweni ohambisana nesithombe sika-Alakhe ephakanyiswe nguNoah.

UMdoda, ongumsakazi odumile emsakazweni i-947, ungumngani omkhulu wabo bobabili umsakazi wohlelo uNoah kanye nomculi we-Afrobeat wase-Nigeria, uBurna Boy.

Esinye isithombe esihle sikhombise u-Alakhe efudumeza isihlalo sikaNoah ngesikhathi umsakazi we-Daily Show ezulazula ngemuva kwakhe.

Ngomhlaka-14 kuMbasa, u-Anele Mdoda umemezele ukuthi uzophuma emsakazweni izinyanga ezimbili ukuze ahambele umhlaba futhi ahambele izifundo ze-masters emazweni ahlukene.

Amakilasi e-Future-Fit master azohlomulisa lo msakazo, ngokwesitatimende esikhishwe i-947.

“UThando Thabethe uzomela u-Anele,  enoFrankie, uThembekile kanye noCindy, ngesikhathi uZweli ethatha i-Afternoon Drive kuthi u-Anathi Seyisi osanda kungena athathe i-Nights kwi-947,” kufundeka isitatimende.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi u-Anele abuyele kwi-Club Breakfast Show mhla zizinye kuNtulikazi kulo nyaka.

Izihloko zakamuva