Kabelo Tlhabanelo
Umthengisi wezwa ukukhala wavele wacabanga ukuthi izingane ziyadlala.
Kodwa wethuka kakhulu lapho ebona ukuthi lo msindo uvela kubantu ababukele ingane iwa phansi isuka esitezi sesine.
kwakuyizikhathi nje ezimbalwa ngaphambi nje kokuthi kuphithizele phansi e-Waterfront Mall eyaphenduka yaba yindawo yenhlekelele.
Umthengisi obekhona endaweni yesigameko kodwa ofisa ukungadalulwa, uthe ushaqekile ukubona ingane eshonile.
“Intamo yakhe kwakungathi iphukile. Angazi ukuthi yini ebingadala ukuthi ingane iwe ngoba izinsimbi ziphakeme kunomzimba wayo. Angikaze ngithuke kangaka empilweni yami,” esho.
UThabang Motlou uthe ubebuya nje emsebenzini ngesikhathi ebona ama-ambulensi ephuthuma enxanxatheleni yezitolo.
“Angifuni ukuqagela kodwa ngicabanga ukuthi ingane mhlawumbe ikhuphuke izitebhisi ngaphambi kokuba ishibilike ize ishone. Lesi yisigameko esibuhlungu futhi ngiyethemba ukuthi umndeni ududuzekile,” esho.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe umndeni wabantu abane wase-Bergman Square e-Mangaung uvakashele inxanxathela yezitolo, kuthe ngabo-2: 30 ntambama, baqonda endaweni yokupaka izimoto.
“Ubaba wasala wakhokhela ithikithi lokupaka kanti ngesikhathi ejoyina amanye amalungu omndeni, wabona ukuthi indodana eneminyaka emithathu ilahlekile. Ngokushesha baqala bamfuna lo mfana bahlangana nonogada owabazisa ukuthi ingane yabo iwele phansi.”
Baphuthume endaweni lapho obekulele khona isidumbu sengane. Kubizwe amaphoyisa ase-Parkweg nabezimo eziphuthumayo kwathiwa ingane ishonele endaweni yesigameko.
“Kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa e-Parkweg ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo,” kusho uMakhele.