Ingane inqunywe ingalo ngenxa yobudedengu besibhedlela

Doreen Mokgolo

ULindokuhle Sweleni oneminyaka engama-20, ufuna kwenziwe ubulungiswa ngengane yakhe yentombazane ebiye esibhedlela saseMpumalanga iphethwe uhudo kodwa yagcina inqunywe ingalo.

Umama othukuthele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodakazi yakhe yangeniswa esibhedlela i-Bernice Samuels e-Delmas mhla zingama-29 kuNdasa.

Uthe ngesikhathi befika esibhedlela udokotela wafaka idriphu engalweni yengane yakhe futhi usola ukuthi yashiywa ingagadiwe.

Uthe ngemuva kwamahora ambalwa ingeniswe esibhedlela ingane, wabona amashidi agcwele igazi wabe esexwayisa abahlengikazi.

“Bathi ingane yami idonse idriphu engalweni yayo. Abazange bazihluphe ngokuyihlola,” kusho uLindokuhle.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi ingalo yengane yaqala ukuvuvukala kodwa abahlengikazi bathi ukuvuvukala kuzokwehla futhi akukho okumele ngizikhathaza ngakho.

Kodwa ukuvuvukala akuzange kwehle.

Isikhumba saphenduka umbala onsomi. Ingane yavele yaba namabhamuza ekugcineni ingalo yaphenduka yabamnyama.

Lo mama uthe badluliselwa esibhedlela i-Witbank eMalahleni ngakusasa lapho abatshelwa khona ukuthi kufanele kunqunywe ingalo yengane.

“Ubudedengu babahlengikazi obudale ukuthi inqunywe ingalo yendodakazi yami,” kusho uLindokuhle.

“Ngeke ngiphumule bengakakhokhi abakwenze enganeni yami. Ingane yami yazalwa iphilile ngakho-ke badinga ukuphendula.”

NgoMsombuluko uNdunankulu waseMpumalanga uRefilwe Mtshweni-Tsipane kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uSasekani Manzini, bahambele lo mndeni banxenxa ukuthi kubhekwe labo abathintekayo ukuze baphenywe. Ubuye waveza nokuthi labo abathintekayo kumele bamiswe emsebenzini.

Izihloko zakamuva