Sizwe Sibiya
Yini oyizuzile ngenkathi unezinyanga eziyisishiyagalombili ubudala?
UKhotso, oyindodana yomnikazi we-Family Tree Records futhi ongomunye wabarepha abakhulu e-Afrika, uCassper Nyovest, usanda kuqopha umlando wokuba “ngumuntu omncane kunabo bonke kuma-charts omculo eNingizimu Afrika.”
UKhotso ufakwe engomeni yokuqala ekwi-albhamu kababa wakhe enezingoma ezilishumi i-Sweet and Short 2.0. ekhishwe ngomhla zingama-30 kuNhlangulana.
Ingoma ethi-“Khotso” iqanjwe ngomculi osemncane ofakwe kule ngoma, uzitika ngama- usho o“gugu gaga” abambalwa ekupheleni kwengoma njengoba kuchazwe ngomunye umsebenzisi we-Twitter.
UCassper, owaziwa nangokuthi “uAbuti Fill Up” ngenxa yokuphumelela kwakhe ukuqopha umlando njengomculi we-hip-hop eNingizimu Afrika, umemezele ngokuziqhenya okuyingqophamlando ngeSonto ekuseni.
“Inezinyanga eziyisishiyagalombili indodana yami ifike kunombolo yesine ku-iTunes ngengoma efakwe kuyo ethi-‘Khotso,’ ingoma eyenzelwe yena,” kusho uCassper, obuye waveza nokuthi uKhotso uqanjwe ngegama lika mfowabo ongasekho, uKhotso Phoolo.
I-Sweet and Short 2.0 yi-albhamu yesithupha kaCassper ngemuva kwe-Tsholofelo, i-Refilwe, i-Thuto, i-A.M.N (i-Any Minute Now) kanye ne-albhamu yakhe yesine, i-Sweet and Short ekhishwe ngowezi-2018.
Khonamanjalo, ividiyo yomculo yengoma ethi-“Siyathandana,” eqhamuka kwi-albhamu yakhe yokuqala yamamapiano futhi equkethe u-Abidoza noBoohle, isibukwe abantu abangaphezulu kwezigidi eziyi-1,6 ku-YouTube ngemuva kwesonto elilodwa kuphela.
Ingoma kaNasty C, ethi-“Jack,” ayilinganiswa nhlobo, ngoba isabukwe uhhafu wababukeli ababuke ingoma ethi-“Siyathandana”, yize amavidiyo alezi zingoma zombili akhishwa ngosuku olulodwa.