Ingabe ungunogada ocebe kakhulu emhlabeni?

Everson Luhanga

Kunesikhathi lapho uNorman Chisale wayengunogada walowo owayenguMengameli wase-Malawi uPeter Mutharika. Kepha manje kuzoba lula ukusekela inkulumo yokuthi ungunogada ocebe kakhulu emhlabeni.

Amaphoyisa ase-Malawi ashaqe impahla kaChisale ebiza u-K1,7 billion (cishe izigidigidi ezingu-R1,4), izimoto ezingama-85, isikebhe esinejubane, kanye no-K117 million (cishe izigidi ezi-R100) zokheshi.

Uphenyo luyaqhubeka ukuthola ukuthi ngabe uChisale unezindawo ezimbili eRussia, ezintathu eNingizimu Afrika kanye nenxanxathela yezitolo e-Zambia.

Enye intsha yase-Malawi ithi incamela ukuyeka isikole ijoyine ijimu bese iba unogada kamengameli!

UChisale uboshwe uphiko lwezimali nokukhwabanisa lwamaphoyisa ase-Malawi.

Lolu phiko luthathe impahla ebiza izigidigidi.

Ngokwemibiko evela ezindlini zezindaba zase-Malawi, uChisale wayiswa endaweni ye-6 enhlokodolobha yase-Malawi, iLilongwe, lapho aphekwa khona ngemibuzo.

Amaphoyisa athe uChisale uphinde waboshwa mayelana nokungeniswa kwamakhulu ezinkulungwane zamathani kasimende ngaphandle kokukhokha intela ezweni.

Imithombo esondelene nophenyo ithe amaphoyisa abheka nezindawo eziningi zangaphandle abasola ukuthi ngezanogada. Izakhiwo ezimbili e-Russia, ezintathu eNingizimu Afrika kanye nenxanxathela yezitolo e-Zambia.

NgoZibandlela kowe-2020 umphathi omdala kaChisale, owayengumengameli wase-Malawi, uPeter Mutharika, wayisa inhlangano elwisana nenkohlakalo enkantolo ngenhloso yokuzama ukuthi i-Anti-Corruption Bureau ivule ama-akhawunti akhe asebhange

Izihloko zakamuva