Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ANC KwaZulu-Natal ithwale kanzima emzamweni wayo wokuketula i-IFP kumasipala wakwaNongoma.
Ilahlwe uzakwabo wesikhathi eside i-NFP ngehora lokugcina.
NgoLwesithathu i-IFP isinde emzamweni wokuphucwa amandla ayo kumasipala wakwaNongoma yase ixosha owayengumlingani wayo womfelandawonye i-EFF esikhundleni sokuba iphini lemeya.
Ukujika kwezinto kwenzeke emhlanganweni womkhandlu obulindelwe ngabomvu lapho i-NFP ejikele khona i-ANC yavota ne-IFP.
USihlalo we-IFP esifundazweni uMnu Thami Ntuli uthe lokhu kungase kube into ejwayelekile ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
“I-NFP ibonile ukuthi imisebenzi yabantu ibaluleke ukwedlula izikhundla kuhulumeni. Yingakho ihlangene ne-IFP yakhetha isekela lemeya. Lokhu kuyasibonisa ukuthi kungenzeka okhethweni lukazwelonke oluzayo,” kusho uNtuli.
UMshangane Ndabandaba we-NFP oke waqokwa njengemeya yakwaNongoma ekuqaleni konyaka owasebenza izinsuku ezintathu kuphela uqokwe njengephini elisha lemeya kulo masipala.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi abaholi be-ANC bazame ngazo zonke izindlela ukugcina ubudlelwano bayo ne-NFP kodwa amakhansela ayo abajikele ngomzuzu wokugcina avota ne-IFP.
UNobhala we-NFP esifundazweni uZandile Myeni ubengeneme ngalokhu wathethisa amakhansela eqembu wawachaza njengezixhwanguxhwangu.
“Asivoti ne-IFP futhi sikucacisile lokho. Kubhalwe phansi ukuthi sivota ne-ANC futhi kuyohlezi kunjalo. Lezo zixhwanguxhwangu ezidlala ipolitiki yendlala sizobhekana nazo futhi sizobiza umhlangano ngokushesha ukuze sidingide lolu daba,” kusho uMyeni.
Uthe bebezowina umasipala ne-ANC kanye ne-EFF ukube amakhansela abo awazange asiphikise isivumelwano somfelandawonye.
I-EFF ilahlekelwe yizo zonke izikhundla zayo zobusekelameya komasipala baKwaZulu-Natal ngemuva kokuhlukana ne-IFP.
Leli qembu liphinde lahlulwa okhethweni esifundazweni nokuyinto esedale ukukhathazeka kozakwabo abasha okuyi-ANC.
Imizamo yokuthola ubuholi be-EFF ayiphumelelanga njengoba umakhalekhukhwini kaNobhala uNkululeko Ngubane kanye nokaSihlalo uMongezi Thwala bekhale esigxotsheni.
Emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi we-ANC ngoMbasa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida uNobhala wesifundazwe uMnu Bheki Mtolo uthe isimo sibi kakhulu ku-EFF njengamadlelandawonye njengoba behlulwe okhethweni lokuchibiyela KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
Ngakolunye uhlangothi i-NFP ibilokhu isebenzisana ne-ANC kusukela yasungulwa ngo-2011.
Ubudlelwano baqalwe ngowayenguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize kanye nomholi we-NFP ongasekho uZanele kaMagwaza Msibi.
I-ANC ayitholakalanga ukuthi iphawule.
Esithombeni esingenhla: IPhini lemeya kumasipala wakwaNongoma uMshangane Ndabandaba, imeya yakwaNongoma u-Albert Mngcwango, uSomlomo uMntwana uBheki Zulu kanye nomphathi kakasipala uMthandeni Zungu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe