Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umjaho wokuthola indawo emaqenjini amane ahamba phambili kwi-Premier League uqhubekile e-St James’ Park ngeSonto ntambama ngesikhathi i-Newcastle iwina ngo 2-0 ihlula i-Manchester United ka-Erik ten Hag.
Indawo yesithathu ibizothathwa i-Newcastle; kanti njengoba kusasele imidlalo engu-12 ithuba lokuxosha izimbangi zayo libe mqoka ethembeni layo lokudlala nezihlabani zase-Europe ngesizini ezayo.
I-Manchester idlalele ezandleni zayo nokuyinto ejabulise kakhulu ama-Geordies.
Ngemuva kokwehlulwa kowamanqamu we-Carabao Cup bebhekene neqembu elifanayo e-Wembley, osokhaya bakwazile ukubuyisa ifomu yabo.
Bawine yonke imidlalo futhi bekuwukuphula umgqigqo uma bezowathatha womathathu amaphuzu.
U-Allan Saint-Maximin ubukeke eyingozi uma eya phambili njengoba edale amathuba ayisithupha okushaya amagoli, futhi ekugcineni lokho kube nemiphumela emihle ngesikhathi emisa uJoe Willock kabi ngemuva nje kwehora umdlalo uqalile.
Bekubonakala ukuthi i-Manchester ikhumbule uCasemiro maphakathi nenkundla njengoba uCallum Wilson eshaye ibhola ngekhanda sekwephuzile ekhoneni likaKieran Trippier.
Imidlalo esele ishubile futhi iza ngokushesha kuzo zombili izinhlangothi njengoba iNewcastle inohambo lwaphakathi nesonto oluya e-West Ham ngesikhathi i-United izokwamukela i-Brentford ngoLwesithathu.
Esithombeni esingenhla: UBruno Guimaraes
Umthombo wesithombe: @NUFC