Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Izakhamizi zaseNelson Mandela Bay ezikhahlanyezwe yizikhukhula zangoNhlangulana zizokhululeka maduze, njengoba uMnyango wezeziMali kuZwelonke kulindeleke ukuthi ukhiphe inkokhelo yokuqala yosizo lwezinhlekelele ekuqaleni kukaMfumfu.
Idolobha lifake isicelo semali engu-R218-million ukusiza ezinhlekeleleni emuva kokuthi izikhukhula zidale umonakalo omkhulu ezindaweni ezifana naKwaNobuhle, e-Kariega naselokishini lase-Walmer.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Eastern Cape, uZolile Williams, ukuqinisekisile ukuthi ingxenye yale mali kumele ibe sezitholakala ngesonto lokuqala kuMfumfu, noma mhlawumbe maduze nje.
“I-National Disaster Centre isikuqinisekisile ukukhishwa kwezimali, futhi ngikulindele ekupheleni kwesonto elizayo ngenxa yengcindezi engifaka esicelweni sokuxazulula izinselelo zezinhlekelele,” kusho uWilliams.
Le mali izohlinzeka ngezindlu zesikhashana kulabo abakhahlanyezwa yizikhukhula futhi ilungise nengqalasizinda eyonakele.
UWilliams wengeze ngokuthi umasipala omkhulu uhlose ukuqeda izindlu zesikhashana ezingu-20 isonto ngalinye ukusiza izakhamizi ezithintekile.
Izindawo zokuhlala zesikhashana zisendleleni ebheke eNelson Mandela Bay.
Cishe abantu abangu-200 abavela emijondolo yase-Lapland e-Kariega balahlekelwe amakhaya abo ngesikhathi izikhukhula zicekela phansi imijondolo yabo eyakhelwe ezindaweni eziphansi.
KwaNobuhle ibhuloho elibhidlikile seliphoqe izakhamizi ukuthi zizitholele ezinye izindlela zokungena elokishini.
Esithombeni ngenhla: UMphathiswa weCogta e-Eastern Cape uZolile Williams kanye neMeya yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk kanye noSomlomo womkhandlu u-Eugene Johnson.
Umthombo: Uthunyelwe