INelson Mandela Bay ishintshana ngezikhundla kubaholi abaphezulu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Emuva kwezinyanga cishe kusanda kumenyezelwa ukushintshwa kukahulumeni kuMasipala waseNelson Mandela Bay, i-ANC isizithole isibuyela esicongweni njengoba iphini lemeya lingena esikhundleni esiphezulu kwathi imeya ebikhona yabuyela phansi ekubeni iPhini lemeya.

Lolu shintsho luza ngemuva kokuthi uSihlalo we-ANC esifundeni uBabalwa Lobishe kanye nemeya yesigungu uGary van Niekerk bekhiphe izicelo zabo zokwesula ngoLwesithathu ekuseni. Manje uLobishe useyimeya entsha, kanti uVan Niekerk useyisekela lemeya entsha.

Lokhu kulandela isinqumo se-NEC ye-ANC sokuthi leli qembu lihole kubo bonke omasipala abagcwele izwe lonke. IMeya entsha ye-NMBM uBabalwa Lobishe uthe lokhu kwakumele kwenzeke kudala.

“I-ANC yathatha isinqumo enyangeni edlule, saziswa sonke. Kwaba nohlelo lwenhlolokhono yemeya elandelayo, kwavela ozongenela ukhetho,” kusho uLobishe.

“Lowo owayezongenela ukhetho kwakuyimina, uBabalwa Lobishe. Yilokhu okwenzekayo njengamanje.”

Uthe into yokuqala azogxila kuyo njengemeya ukuqeda ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele edolobheni nokuqinisekisa ukuthi izikhala ziyavalwa.

“Mayelana nale nhlekelele, sifunda izifundo zokuthi asibanakekeli abantu uma kuza ekwabiweni kwezindawo nokwabiwa kwabahlomulayo. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sikufeze lokhu ezinsukwini ezingu-100 zokuqala,” kusho yena.

Uthe kumele benze isiqiniseko sokuthi abantu bayiswa ezindaweni eziphephile futhi bathuthelwe kude nezindawo ezingenabani njengasesebeni lwemifula.

Khonamanjalo, isekela lakhe elisha uGary van Niekerk uthe uyalibonga ithuba lokuhola idolobha kulezi zinyanga ezingu-17 ezedlule.

“Ukufika lapha kube uhlelo lobuholi be-ANC buxoxisana nami ngaso sonke isikhathi,” usho kanje.

“Ngizoyeseka imeya entsha, futhi sesakhe ubudlelwano obuhle bokusebenzisana. Ngizomeseka futhi ngiqophe umlando njengephini lemeya elimatasa kakhulu kulelidolobha.”

Khonamanjalo, iDemocratic Alliance ibize ukushintshwa kobuholi njengento nje yokuhlela kabusha izihlalo emkhunjini ozikayo.

“Sikhathazeke kakhulu ngokuthi lokhu akuyona into ehlukile nokuhlelwa kabusha kwezihlalo ku-titanic, lapho umkhumbi uqhubeka nokucwila khona. Amakhansela ethu kanye ne-ANC basaqhubeka nokusolwa ngokungasebenzi kahle kukamasipala, ngoba imisebenzi elula yokulethwa kwezidingo ngeke yenziwe,” kusho uSihlalo we-DA esifundazweni uYusuf Cassim.

I-United Democratic Movement (UDM) kanye neDefenders of the People (DOPE) bajoyine umfelandawonye oholwa yi-ANC, babanike izihlalo ezingu-64 emkhandlwini onamalungu angu-120.

ULobishe uthe ikomidi elisha lemeya lizomenyezelwa ngoLwesihlanu ngemuva komhlangano namalungu omfelandawonye.

Esithombeni esingenhla: IMeya yeNMBM uBabalwa Lobishe ngemuva kokwamukela ukuqokwa kwakhe.

Source: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva