Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Nakuba izinga lobugebengu selehlile e-Eastern Cape, iNelson Mandela Bay, umasipala wase-Buffalo City, kanye nesifunda sase-OR Tambo zixoxa olunye udaba njengoba kuyizona zifunda ezintathu ezihamba phambili ngobugebengu bokubulala, ukuzama ukubulala nokudlwengula okuhamba phambili ohlwini.
Lokhu kuvezwe ngoLwesine nguKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Nomthetheleli Mene e-Mdantsane ngesikhathi kukhishwa izibalo zobugebengu zekota yesine ka-2023-24 kanye nekota yokuqala ka-2024-25.
UMene uthe izibalo sobugebengu obubucayi zehle ngo-855 ekoteni yesine ka-2023-24 kanye no-877 ngekota yokuqala ka-2024-25, okubonisa imizamo eqhubekayo yokubhekana nobugebengu esifundazweni.
Uthe iNelson Mandela Bay, okuyiyona ebinezinga eliphezulu lobugebengu ezikhathini ezedlule, iphinde yanyuka kancane ngekota yesine ka-2023-24.
I-Lusikisiki, esematheni ngemuva kokudutshulwa kwabulawa abantu abangu-18 ngesikhathi belungiselela umcimbi wesintu ngesonto eledlule, iphakathi kwezindawo ezidume kakhulu ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nokudlwengula.
Ezinye izindawo ezihola ngobugebengu u-Mthatha, i-East London, ne-Gqeberha New Brighton kanye neKwaZakhele.
UMene uthe inselelo enkulu amaphoyisa abhekene nayo “ukubika kwabezindaba” mayelana nezigameko zokuqolwa kwabantu.
Uthe selokhu kwavulwa i-Extortion Hotline, amaphoyisa asephenye amacala okuqola angempela angu-38 kuphela, kanti abasolwa abayisithupha baboshiwe.
“Abantu bayafona. Siqophe izingcingo ezingenile ezingu-3,032, ezingu-1,553 kuzo bekuyizingcingo ezikhohlisayo, ezingu-1,100 bekuyizingcingo eziqinisekisa ubukhona be-hotline, kanti amacala angu-38 kanye nezikhalo ezingu-15 kubhalisiwe.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzise leyo nombolo yocingo ukulandela amacala okuqola abantu imali.”
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape uXolile Nqatha uthe isivumelwano sokusebenzisana esisanda kusayinwa neNelson Mandela Bay sivula elinye izinga ekulweni nobugebengu.
“Izinhlaka ezintathu zikahulumeni manje sezihlanganisa ndawonye izinsiza ukulwa nobugebengu obudlangile. Sithatha le ndlela yokulwa nobugebengu ukuze sisebenzisane nemiphakathi. Sidinga ukuzibandakanya komphakathi,” kusho uNqatha.
Isithombe ngenhla: UKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape uMajor-General Nomthetheleli Mene ethula izibalo zakamuva zobugebengu e-Mdantsane ngoLwesine.
Umthombo: Ukuphepha Komphakathi e-EC.
