INduna esencane uShazi ubhekelela intsha

Lungani Zungu

UBonginhlanhla Shazi akazange afinyelele ephusheni lakhe lokuba ngumdlali webhola osezingeni eliphezulu, kodwa ngesonto eledlule uzuze okunye okukhulu kakhulu – waba yinduna eneminyaka engama-32.

Ngenkathi uShazi enyukela esihlalweni sobukhosi ngeSonto, bekunemikhosi nesasasa ebibanjelwe KwaBombo, okuyindawo ebikhungethwe ubuphofu ogwini oluphansi lwaKwaZulu-Natali.

UShazi kudingeke ukuthi athathe ubukhosi njengoba ubaba wakhe engaphilile.

Ukukhuphukela kwakhe esihlalweni kwaba yinto enzima ngemuva kokuthi abanye emndenini bamphikise njengomholi ofanelekile wesigodi sakhe esihlala izinkulungwane zabahlali.

UShazi, okhulele eMlazi, uthe akukho abazokubungaza njengoba izigidi zentsha zingasebenzi.

Uthe uzosebenzisa ezemidlalo ukukhipha intsha ezidakamizweni nasezenzweni zobugebengu.

“Njengomuntu omusha nami ngiyaluqonda kahle usizi lwentsha, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Ngifuna ukushintsha izimpilo zabo,” esho.

“Into ezongijabulisa ukubona abantu abasha bethuthuka empilweni.”

Ukukhuphuka kwakhe ekubeni ngumuntu ojwayelekile kuya ekubeni ngomunye wabaholi abanamandla endaweni yangakubo akulula.

“Sekuphele izinsuku ezimbalwa kuphela ngiyinduna kodwa impilo yami isishintshe kakhulu. Angikwazi ukwenza izinto ezenziwa abanye abantu abangontanga yami. Kumele ngihloniphe futhi ngihole abantu bami ngesithunzi,” esho.

UShazi uthe wethuka ngenkathi abadala bemtshela ukuthi uzoba yinduna.

“Angikholwanga. Kunzima ukukholwa namanje.”

Uthe ukubheke ngabomvu ekusebenzisana neSilo sesizwe saMaZulu, iSilo samaBandla iNkosi uMisuzulu Zulu KaZwelithini.

USibongile Mkhize uthe ujabule kakhulu ukuthi ibhungu leli liyinduna yabo.

“Lesi yisahluko esisha kithina. Umkhathi muhle. Ngiyethemba uzokwenza zonke izinto asithembise zona.”

UShazi akanazo izingane kanti manje ulungiselela ukubopha ifindo likasofasilahlane.

Izihloko zakamuva