Linda Ximba
Abathandi bomculo bazoba nedili lezinsuku eziyisikhombisa zokuphela konyaka KwaZulu-Natal emcimbini we-Ballito of the Cane Fields.
Umcimbi owaziwa ngokuthi i-Ballito Big Week, uzothandwa izivakashi eziningi kula maholidi njengoba lo mcimbi uzoqala ngomhlaka-22 kuZibandlela uze usongwe mhla zizinye kuMasingana.
Ngesikhathi kwethulwa i-Savanna Premium Cider ngoLwesibili ebusuku kumenyezelwe ukuthi abawine indondo ye-Grammy uDJ Black Coffee kanye ne-Ladysmith Black Mambazo baphakathi kwalabo abafakwe ohlwini lwabazonandisa.
Umngani kaDJ Black Coffee nobonela kuye uDJ Merlon uthe ujabule ngokuba yingxenye yalolu hlelo.
“Nyakenye siqale lo mcimbi e-Ballito ngaphansi kwendikimba ethi-‘Africa is not a Jungle’. Kulandela impumelelo yawo, ababambe iqhaza babone kunesidingo sokuthi benze omunye umcimbi.
“Lo mcimbi uthembisa ukuba umcimbi omkhulu uma ubheka izihlabani zabaculi abahlomule ngezindondo abasohlwini,” kusho lo DJ waseThekwini odume ngezingoma ezidlalwa kwi-Koze Kuze.
Abanye abaculi abazonandisa baphinde bajabulise abazohambela lo mcimbi kubalwa i-Mango Groove, uZakes Bantwini, uGoodluck, uTimo ODV, uTresor, uSun-El Musician, u-Appel, uSjava, uShekhinah, iSpringbok Nude Girls, uMsaki, uKO, uWonderboom, iMafikizolo, uMondli Ngcobo kanye namawele akwaQwabe.
Isithombe esingenhla: UDJ Merlon
Umthombo wesithombe: Twitter