Indumalo uNdavi ehlulwa kuMiss Universe 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Ngesikhathi uR’Bonney Gabriel  waseMelika eqokwa njengoMiss Universe 2022 ekuseni ngeSonto, izigidi zabantu base-Afrika ziphatheke kabi ngoNdavi Nokeri onguzime wakuleli. 

Kodwa-ke, njengoba bekuyena yedwa obemele izwe lase-Afrika kuhlu lwabangu-16, umndeni wakhe awuzange ukhathazeke ngokuthi akaphumelelanga kunalokho bayaziqhenya kakhulu ngaye.

“Njengobhuti omdala ngiyaziqhenya kakhulu ngoNdavi wenze kahle kakhulu futhi ukwazile ukumela umndeni wethu waphinde waphakamisa elakuleli,” kusho umfowabo uNyiko.

UNyiko nomkakhe uNkateko Nokeri, batshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebengalele ngesikhathi somncintiswano obudlala bukhoma kusukela ngehora lesithathu ngesikhathi sakuleli ngeSonto ekuseni. 

Umncintiswano ububanjelwe e-New Orleans Moral Convention Center e-Louisiana, eMelika. Unobuhle wakuleli ubeqhudelana nabanye onobuhle abangu-84 abavela emhlabeni wonke.

UNdavi akazange angene konobuhle abathathu abakhethiwe okubalwa, u-Amanda Dudamel wase-Venezuela okunguye obizwe kuqala no-Andreina Martinez wase-Dominican Republic ophume isibili.

“Ngibona sengathi uMiss Universe ubungakakulungeli uhlobo lobuholi obuphethwe nguNdavi,” kusho uNyiko.

Khonamanjalo uNkateko uthe uNdavi ulwe kwaze kwaba sekugcineni, ukhombise inhlonipho nokuzethemba kulo mncintiswano esiteji.

“UNdavi ukwazile ukuthwala i-Afrika yonkana kanti lokho kukhombisa ukuphumelela emehlweni ethu.”

UNkateko usebheke phambili emqhudelwaneni olandelayo kaNdavi futhi wakhuthaza izwe ukuthi liphinde limeseke.

“Uhambo lusaqhubeka njengoba silungiselela umncintiswano olandelayo, kaMiss Supranational. Elakuleli malizilungiselele ukuvota futhi liphinde likhombise ukumeseka.”

Abazali bakaNdavi, uMfundisi Moses kanye noBetty Nokeri, baseMelika ukuyokweseka indodakazi yabo.

UMfundisi Moses ubonge elakuleli, izinceku zikaNkulunkulu ebezimthandazela, umndeni nabangani.

“Siyabonga ngokusekela indodakazi yethu,” etshela abezindaba. 

Osesithombeni esingenhla: Unobuhle wakuleli uNdavi Nokeri

Izihloko zakamuva