Indumalo kwabeDudula uLux ebiza uMalema ngowakwabo

Everson Luhanga

Umholi we-Operation Dudula uNhlanhla Lux Dlamini uchithe impelasonto esitokisini samaphoyisa. 

NgoMsombuluko ekuseni uLux unikezwe ibheyili ka-R1,500 wabe esededelwa.

ULux uphume waya kubalandeli abebelinde ukuthi enze ngendlela yakhe ejwayelekile. Kodwa wenze into abebengayilindele.

ULux utshele abalandeli bakhe ukuthi bagweme ukukhombisa ulaka lwabo kunoma ngubani, okuhlanganisa ne-EFF, wathi kumele bange labo abamelene nabo.

“Ngiyanitshela manje, uma nibona amalungu e-EFF noma yikuphi, niwange,” etshela izinkumbi zabalandeli eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort.

Uthe nalabo bantu abamelene nabo yibona abazohlomula kulokhu abakwenzayo namuhla.

Ngesikhathi omunye wabalandeli engena esiteji nebhokisi elinobuso bomholi we-EFF uJulius Malema, uLux ubonakale ephatheka kabi ngalokho. Udabule iphepha ebhokisini wabe eseyalela owesilisa obelithwele ukuthi ehle esiteji ngaphambi kokuba aqhubeke nokukhuluma nabalandeli.

ULux uboshwe ngemuva kokuhola amalungu e-Operation Dudula ukuthi agasele emzini womhlali wase-Soweto uVictor Ramerafe ngeSonto ngomhlaka-20 kuNdasa.

NgoLwesithathu olulandelayo, ubuholi bukazwelonke be-EFF buphelezele uVictor esiteshini samaphoyisa i-Dobsonville, lapho afike wavulela khona uLux icala lobugebengu.

Ngalo lolu suku, okhulumela i-EFF kuzwelonke uSinawo Thambo unikeze uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika izinsuku eziyisikhombisa ukuthi lubophe uLux uma kungenjalo kuzoshuba.

Ngemuva kwamahora angu-24, uLux uye waboshwa eGoli ngemuva kwengxoxo yakhe nomsakazo futhi uchithe impelasonto esiteshini samaphoyisa i-Johannesburg Central.

Unikezwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort ngoMsombuluko kanti uzovela kuyo le nkantolo ngomhlaka-27 kuMbasa.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni uPhindi Mjonondwane uthe imibandela yebheyili ihlanganisa ukunikezela ngepasi lakhe nokungaphumi eGoli.

Kuzodingeka nokuthi ayobika esiteshini samaphoyisa.

Phakathi kwabantu abakhulume ngaphandle kwenkantolo ngumholi we-Alexandra Dudula Movement uSimon Msayza Rati.

UMsayza ugcizelele kubalandeli ukuthi bazoqhubeka nokuxosha abaphuma emazweni angaphandle abanezindlu zomxhaso. Uthe lezi zindlu zizonikezwa abantu bakuleli abafanele.

Umlandeli we-Operation Dudula uJethro Mbatha uthe ujabule kakhulu ukubona umholi wakhe ephuma esitokisini. “Engifuna ukukubona manje wukuthi sisebenze ngaphansi kwengalo yomthetho ukugwema ukuboshwa kwakhe.

“Umsebenzi wakhe mkhulu, laba abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi ezweni lethu asibafuni, kumele baye emazweni abo balungise izinkinga zabo,” kusho uJethro.

Kuthiwa leli qembu lizokwethulwa kuzo zonke izifundazwe.

Scrolla World Cup Quiz