Kamogelo Olaitan
UGrace_Afrika ungumgqugquzeli odumile othandwa ngabantu abaningi kwi-TikTok kanti unabalandeli abangu-1,3 million.
Yize kunjalo, lesi silomo senkundla yezokuxhumana e-Nigeria sihlulekile ukuthola ngisho umuntu oyedwa ozohambela umcimbi wakhe wokuhlangana nabalandeli bakhe.
UGrace_Africa igama aziwa ngalo ezinkundleni zokuxhumana ungene ezinkundleni zokuxhumana wabelana ngevidiyo yakhe endaweni engenalutho lapho ebenethemba lokuthi uzohlangana khona nabalandeli bakhe.
Kwividiyo ebhalwe ukuthi “ngilungiselele abalandeli bami ukuba bezongibona kodwa kwangafika muntu”, uGrace ube esefonela umama wakhe emtshela ngokuphoxwa ngabalandeli bakhe abangafikanga.
Kulolu cingo umama wakhe uthukile ezibuza ukuthi ngabe abalandeli be-TikToke bebazi yini ukuthi uGrace ubeyingxenye yomcimbi.
UGrace ube esevala ingxoxo yocingo nomama wakhe kungazelelwe ephatheke kabi.
Ividiyo iqale impikiswano ezinkundleni zokuxhumana abanye bemtshela ukuthi izinkundla zokuxhumana zihlukile kunempilo yangempela.
Umuntu oyedwa ubhale ku-Twitter wathi “bengilokhu ngibona abagqugquzeli abambalwa ku-tiktok abakhulu kwamanye amapulatifomu beveza ukuthi abantu abaningi abezi ukuzobabona uma behlela umcimbi wokubingelelana.”
UGrace_Africa uthumela amavidiyo amahlaya avame ukukhuluma nge-Afrika yize ezinze eMelika, kodwa uyaziwa nangokulingisa ulimi lwebele lwase-Nigeria.