Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Ngesikhathi esakhula uBlessings Ncube odabuka e-Plumtree e-Matabeleland South wabubona ubunzima ugogo wakhe ongaboni emehlweni ayebhekana nabo njengoba abantu babemtshontshela.
Lezi zigameko zagqugquzela uNcube ukuthi asebenzise i-CD ephukile ukwakha induku yokuhamba yabantu abangaboni esebenzisa amandla elanga.
Waqamba into ayisungulile ngokuthi “i-The keeper.”
“Ngikhande induku yokuhamba yabantu abangaboni ngendlela yokuthi ikwazi ukubikezela izindawo ezinodaka, ezinamatshe, imigodi kanye nazo zonke izithiyo ezisendleleni eziyibanga elingamamitha ayikhulu. Izithiyo ezinganyakazi izibikezela ebangeni elingamamitha amahlanu.
” Ngiyenze yakwazi ukukhuluma nekhono lokuxhumana ne-Google Maps. Ithwebula ngokuzenzakalelayo izici zanoma ubani osondela koyisebenzisayo ngokusebenzisa isayensi yokuskena izimonyo zamathambo,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Yileyo ndlela ehlukanisa ngayo abantu nezilwane. Lokhu ikwenza ebangeni elibonakalayo lamamitha amabili ukusuka koyisebenzisayo. Ngemuva kokuthwebula ngokuzenzakalelayo igcina idatha.”
UNcube (20) uthe wagqugquzelwa ukubona indlela abantu kanye nezihlobo abaphatha ngayo abantu abangaboni njengoba babedlala ngabo.
“Ngangifisa ngempela ukuthi kube khona engingakwenza. Ngemuva kokubona abantu bentshontsha ukudla kukagogo ngikhule ngizitshela ukuthi noma ngingeke ngikwazi ukumbuyisela ukubona kodwa ngizomsiza,” kusho uNcube.
“Kuyishwa ukuthi ugogo wadlula emhlabeni engakayisebenzisi le nduku,” esho.
Uthe nakuba induku ye-AI ingasizi ukunqanda ubugebengu obufana nokweba okungenani ingakwazi ukuthwebula izici zesigebengu.
“Ngibona sengathi kusekuningi okusamele ngikwenze. Ziningi izinselelo okumele zixazululwe kodwa nakuba ngibhekene nezinselelo mayelana nokuthuthukiswa kwenduku neminye imibono ngizizwa ngijabule futhi ngibonga amathuba enginawo.”
Khonamanjalo, uNcube uthole indondo ye-Oracle Academy ngomsebenzi wakhe.
Esithombeni esingenhla: UBlessings Ncube
Umthombo wesithombe: Blessings Ncube