Lubhalwe nguRorisang Modiba
- Indodana yomlingisi uSonia Mbele ibekwe icala lokudlwengula intombi yayo kubo kabili ngoZibandlela.
- Umgilwa uthi wamtshela ukuthi akame wakhala kodwa waqhubeka waze waqopha ngesikhathi kwenzeka.
Indodana yomlingisi owaziwayo uSonia Mbele ivele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngezinsolo zokudlwengula intombi yayo.
UDonell Mbele(23), ubhekene namacala amabili okudlwengula ngemuva kokuthi intombi yakhe uTamia Carvalho ithe wamhlasela ngoZibandlela.
UCarvalho ufake ku-Instagram ukuthi wadlwengulelwa kubo kaDonell ngomhla ziyishumi nane namhla ziyishumi nesihlanu ngoZibandlela.
“Ngahlukunyezwa ngumuntu engangicabanga ukuthi ngingamethemba. Umuntu osondele kakhulu enhliziyweni yami. Ngangingakaze ngicabange ukuthi lokhu kungase kwenzeke kimi futhi kwangilimaza kakhulu ngesikhathi kwenzeka,” ebhala.
Uthe uqale wavuma ukuya ocansini kodwa wabuye washintsha umqondo. “Ngamcela ukuthi ayeke kodwa akazange ayeke. Ngaziphindaphinda kaningi ngaze ngakhala ngoba engafuni ukuyeka”. Esho
“Ngesikhathi sokuqala kwenzeka ngazikhathi zangabo-10 ebusuku ngomhlaka-14, ngikhumbula esinye isigameko lapho wavele wagibela phezu kwami wangicindezela wangiphoqa, ngamtshela ukuthi akehle kimi, wala waphetha. Kunalokho waqala ukuqopha yonke into.”
UCarvalho uveze imilayezo lapho uDonell ebonakala evuma lokho akwenzile: “Ngiyazisola ngokukulimaza kakhulu. Angikwazanga ukuzibamba, ngiyaxolisa. Uzwakale umnandi kakhulu. Umanzi futhi ufudumele. Ngiyaxolisa, “kubhala uDonell.
Icala liyaqhubeka.
Osesithombeni ngenhla: UDonell Mbele.
Umthombo: X