Indodana yeciko isolwa ngokuhlukumeza isithandwa sayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umlingisikazi uSonia Mbele ngeke akushaye indiva ukuhlukunyezwa – ngisho noma ngabe umenzi wobubi yindodana yakhe.

NgoLwesithathu intombi yendodana kaSonia, uReokeditswe Makete iveze ekhasini layo le-Instagram ukuthi ihlukunyezwa yisoka layo lesikhathi eside ophinde abe ubaba wengane yakhe.

Wabelane ngezithombe zobuso bakhe obuvuvukele nobushayiwe.

Wenze izinsolo zokuthi uDonell Sedibe ubemhlukumeza, emshaya kabuhlungu futhi elawula nendlela enza ngayo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ungihlukumeze izikhathi ezine ezahlukene, futhi zonke izikhathi bekuba kubi kakhulu,” esho.

“Esigamekweni sakamuva bengifuna ukumvulela icala kodwa ngehlulwa uthando enginalo ngaye. Bengimcabangela ukwedlula mina futhi ebengicabanga ngakho bekuyikusasa lakhe nokuthi ngizoba sengathi nginenhliziyo embi uma ngingamosha ikusasa lakhe.”

UMakete wengeze ngokuthi uSedibe uye wamvimbela ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngoba esaba ukuthi uzodalula okwenzekile.

“Uwasuse wonke ama-akhawunti wami ezinkundla zokuxhumana ngoba engafuni umphakathi wazi ukuthi ungumuntu onjani,” esho.

Ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo uMbele ukhulume ngazo esitatimendeni asikhiphe ngoLwesithathu.

UMbele uxoxe ngodaba lwakhe lwangaphambilini lokuhlukunyezwa nguyise kaSedibe, uLeslie Sedibe ayeshade naye iminyaka eyisishiyagalombili ngaphambi kokwehlukanisa ngo-2014.

“Ngangivaleleke ebudlelwaneni obuhlukumezayo iminyaka eyisishiyagalolunye. Ngahlukunyezwa,” esho.

“Njengesisulu sokuhlukunyezwa, angikuvumeli, angikweseki futhi angihambisani nalokhu.”

Phambilini uke wakhuluma nabezindaba ukuthi ngesikhathi esashadile wake wacabanga ukuzibulala.

“Kwadingeka ukuthi ngimise umsebenzi wami wokulingisa ukuze ngizame ukuhlenga umshado wami,” esho.

Lo mlingisi wengeze ngokuthi ngemuva kwesehlukaniso kwakumele athathe izinyathelo zokuzivikela kusenesikhathi njengokwelulekwa ngokwengqondo noma ukwelulekwa ngokwengqondo ezinganeni zakhe.

“Kwesinye isikhathi iphutha esijwayele ukulenza njengomama base-Afrika abangabodwana ukucabanga nokuba nethemba lokuthi izinto zizolunga, kanti ezinye izindlela zokuziphatha zakudala zingathikameza izizukulwane ezizayo,” esho.

Esithombenini esingenhla: UReokeditswe Makete

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva