Indodana kaMagashule ibhekene namacala okukhwabanisa

Kabelo Tlhabanelo

UTshepiso Magashule nomgcinimabhuku wakhe uMakhosi Tshabalala bavele enkantolo ngoMsombuluko ngamacala okukhwabanisa.

UTshepiso uyindodana ka-Ace Magashule, owayenguNdunankulu wase-Free State ophinde abe nguNobhala Jikelele we-ANC osamisiwe.

Umbuso uthi laba ababili, egameni lenkampani kaTshepiso i-Motheko Projects ngokungemthetho baqamba amanga ngemisebenzi yokuhweba yenkampani ngesikhathi beletha amaphepha entela yenkampani ngenhloso yokuqola i-SARS.

Kusolakala ukuthi indodana ithumele amafomu akhombisa ukuthi ayikho imali engenile, kanti inkampani yanikezwa izinkontileka ezinhlanu zezimpahla zokuzivikela (PPE) ezibiza ngaphezu kuka-R7 million, nokuthi uTshepiso wazama ukubalekela ukukhokha intela engaphezu kuka-R400,000.

Okhulumela i-Free State National Prosecuting Authority of South Africa (NPA) uPhaladi Shuping uthe uTshepiso ubekwe icala lokukhwabanisa noma ele-Contravention of Tax Administration Act elihlobene nezinkontileka ze-PPE.

“Kusolakala ukuthi phakathi kukaMbasa wango-2020 noNhlolanja wango-2021, uTshabalala wethula umbiko wentela egameni le-Motheko Projects ekhombisa ukuthi ayikho imali engenayo kanti inkampani yanikezwa izinkontileka ezinhlanu ze-PPE ezingabiza u-R7.4 million. Inkampani bekumele ikhokhe imali engu-R437,000 yentela ngokuya ngemali etholwe ngaleso sikhathi,” kusho uShuping.

UTshepiso noTshabalala badedelwe ngesixwayiso kanti icala labo lihlehliselwe uMbasa wango-2022 ukuze bazokwethulwa.

NgoMsombuluku kuyo le nkantolo, omunye usomabhizinisi uKatleho Ignatius Motaung (28), ongumnikazi we-Le Di Phaka Phaka ubevele ngamacala afana nakaTshepiso.

Kusolwa ukuthi uMotaung wethula amafomu entela egameni enkampani i-Le Di Phaka Phaka phakathi kukaMbasa noZibandlela wango-2020 lapho okuthiwa wathi ayikho imali engenile nokuthi inkampani ayizange ihwebe ngaleso sikhathi. Kodwa-ke le nkampani yahweba yathola imali engu-R1.9 million ngemuva kokuthola izinkontileka ezintathu ze-PPE.

UShuping uthe i-Le Di Phaka Phaka bekumele ikhokhe intela ecishe engu-R254,000.

UMotaung ubhekene namacala amathathu okukhwabanisa noma ele-Contravention of Tax Administration Act. Udedelwe ngesixwayiso kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-28 kuNdasa ukuze kuzovela imiphumela yokuxoxisana.

Scrolla World Cup Quiz