Oluwakemi Adelagun
Isikhulu samaphoyisa e-Nigeria u-Usman Baba uyalele ukuthi kuboshwe umculi we-Afrobeat uSeun Kuti oqoshwe kwividiyo eshaya iphoyisa ebeligqoke umfaniswano.
Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo e-Lagos. USeun unguthumbu wenqalabutho ye-Afrobeat engasekho uFela Anikulapo Kuti.
Kwividiyo esabalale kwi-inthanethi, lo mculi ubonakale eshaya iphoyisa. Ngesikhathi eshaya leli phoyisa ngempama ubelokhu elibuza ngokuphindaphindiwe ethi: “Uyahlanya”? (uyahlanya yini?”).
Kodwa-ke, esiqeshaneni esifushane iphoyisa alizange liziphindiselele.
“U-Usman uphinde wayalela ukuthi kwenziwe uphenyo olusheshayo mayelana nembangela yokushaya nokushushiswa komsolwa,” kusho okhulumela amaphoyisa uMuyiwa Adejobi.
“U-Usman Alkali Baba uqinisekise abantu base-Nigeria ukuthi izenzo zokwedelela ngeke zibekezelelwe kanti abenzi bobugebengu obunjalo bazoboshwa nakanjani.”
Kodwa-ke, eziphendulela ngoMgqibelo ebusuku ekhasini lakhe laku-Instagram uKuti uthe ubeyisisulu kulesi sigameko. Uveze ukuthi iphoyisa lizame ukumbulala nomndeni walo.
“Uzame ukungibulala nomndeni wami. Nginabo ubufakazi, kodwa angijahe lutho,” esho. “Uxolisile futhi ngivumile ukuthi ngeke ngimvulele icala. Ungenzi ibhizinisi lakho lenze umuntu ompofu alahlekelwe umsebenzi.”
Ngemuva kwamahora ubhale ku-Twitter wathi uzimisele ukubambisana namaphoyisa nokuthi uthandazela ukuthi lowo onecala ashushiswe ngokomthetho.
Khonamanjalo, i-Police Service Commission ikhiphe umyalelo wokuthi uKuti aboshwe. Bekunethemba lokuthi “ukushushiswa ngokushesha kukaKuti kuzosebenza njengesivimbelo kwabanye.”