Indodana iqhubeka nephupho likayise ongasekho

Linda Ximba

Umgqugquzeli wesibhakela ongasekho uThulani Magudulela ubenephupho lokukhiqiza abashayi besibhakela abangompetha bomhlaba – futhi lelo yiphupho indodana yakhe uZwilenkosi Magudulela afisa ukulifeza.

UThulani ushone ngenxa yezinkinga ze-Covid-19 ezinyangeni ezimbili ezedlule.

UZwilenkosi uthe inkampani kayise, i-Ludonga Boxing Promotions, yahlela impi yomlando i-WBC Cruiserweight phakathi kukaThabiso Mchunu no-Ilunga Makabu eThekwini ngowe-2015.

UThulani waklonyeliswa ngendondo yomgqugquzeli ohamba phambili emcimbini we-Boxing SA ngowe-2010.

UZwilenkosi uthathe izintambo futhi uzilungiselela ukuqhubeka lapho uyise agcine khona.

“Ngisanda kuphothula ukuphathwa kwezinto kanye nezincwadi ne-Boxing South Africa futhi ngokusemthethweni sengingumnikazi omusha we-Ludonga Boxing Promotions,” kusho yena.

“Kungabukeka kungekuhle ukulahla amaphupho kababa wami. Ngiyazi ukuthi engaphenduka ethuneni lakhe uma ngingalandeli ezinyathelweni zakhe.”

Uthe ufunde lukhulu kuyise nokuthi uyakholelwa ekutheni ngeke amphoxe.

“Njengobaba wami, isifiso sami ukukhiqiza ompetha abaningi azoncintisana nabo eMpumalanga yeKapa. Njengoba nginabantu abalungile eduze kwami, ngibona izikhathi eziningi ezinhle ezizayo,” kusho uZwilenkosi.

Njengmanje njengoba ethatha indima yakhe entsha, useqoke uSizwe Mthembu ukuthi abhekele ukuqeqesha abashayi besibhakela.

Isithombe: TimeLive

Izihloko zakamuva