Lubhalwe nguDylan Bettencourt
- UDuduzile Zuma-Sambudla uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine ngemuva kokuthweswa icala ngezibhelu zango-2021.
- Ufake izithombe zokucekelwa phansi kwezinxushunxushu ezinemiyalezo efana nethi “KZN, siyakubona”.
Indodakazi kaMnuz Jacob Zuma, uDuduzile, izovela enkantolo ngoLwesine ngezinsolo zokugqugquzela nokubhebhethekisa zodlame lwangoNtulikazi 2021 olwaguqisa iKwaZulu-Natal.
IMK Party ithi ummeli kaZuma-Sambudla uthole uhlu lamacala ngeledlule futhi isinxuse abalandeli ukuthi beze eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ukuze bazomeseka.
Lezi zibhelu zasuka ngemuva kokuboshwa kwalowo owayengumengameli uZuma, okwashiya umonakalo eKZN.
Ngesikhathi sodlame uZuma-Sambudla ubesebenza ezinkundleni zokuxhumana efaka izithombe zesiphithiphithi ezibhalwe ukuthi “KZN, siyakubona”.
UJean le Roux we-Digital Forensic Research Lab utshele i-SA Human Rights Commission ukuthi uthumele imiyalezo “yokuthakasela” kunayo yonke ngesikhathi kuqhubeka lezi zinxushunxushu, kubika i-News24.
Yize oKlebe babopha abangu-20 abasolwa ngokususa uthuthuva ngo-2022, uZuma-Sambudla wayengekho phakathi kwabo ngaleso sikhathi.
Inhloko yoKlebe eKZN, uMajor General Lesetja Senona, uthe bayaphenya kodwa ngeke banikeze imininingwane.
Uthe udaba lwabo bazoludlulisela kwi-National Prosecuting Authority uma uphenyo lwabo seluphothuliwe.
Esithombeni esingenhla: UDuduzile Zuma-Sambudla kanye noyise uJacob Zuma.
Umthombo: Duduzile Zuma/X