Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Uthunjana kaMnuz Jacob Zuma nonkosikazi wakhe wesihlanu okunguNkk Nonkululeko maMhlongo waseMsinga uyekiswe isikole ukuze ayogana iNgonyama yamaSwati.
UNksz Nomcebo Zuma (21) kuthiwa ubenza unyaka wokugcina eNyuvesi elingadalulwanga igama layo eNingizimu Afrika kodwa kuthe ngoNdasa wamiswa esikoleni ngoba sekunezinhlelo zokuba ayoshada neSilo uMswati iii.
Lokhu kuvezwe abomndeni wakwaZuma abebehlebela i-Scrolla.Africa ngenjabulo ekhona ekhaya kumaMhlongo ngokuthi umagcina wakhe uyogana ebukhosini obuhlonishwayo emhlabeni jikelele nobukhulukazi e-Afrika.
NgoMgqibelo kuthiwa iSilo samaSwati sithumele ithimba ebelihlanganisa nabantwana baseNdlunkulu kaZulu eNkandla, kwaDakwadunuse ukuzokwakha isihlobo esihle.
Kuthiwa bafike baletha izinkomo eziyishumi kodwa uZuma ubengekho.
“Udadewethu uzalwa ubaba uMsholozi nomama umaMhlongo kanti ungowokugcina kubo bobabili. Ubefunda kwenye yamaNyuvesi enza unyaka wokugcina. Kodwa usethathiwe useSwatini ukuze kwenziwe amalungiselelo okuba agane Ingonyama uMswati iii. Nokho kunezinye izinhlelo zokuthi aqedele izifundo zakhe ngale eSwatini nesingakezwa kahle ukuthi kuzokwenzeka kuwo lo nyaka noma ngozayo ngoba lapha ushiye engakabhali ngisho izivivinyo zasebusika,” kuchaza umthombo.
UNomcebo kuthiwa uzoba unkosikazi wesi-16 kuMswati.
Iphephandaba Ilanga libike ukuthi uZuma uthukuthele ngalamalobolo kaMswati ngoba ngesikhathi bexoxa bavumelana ukuthi uNomcebo uzogana enye yamadodana eNgonyama kanti engazi ukuthi iNkosi izifunela yona.
Ingonyama uMswati noZuma banobudlelwano obude kusuka ngesikhathi uZuma esaganwe umama ka-Edward uNksz Minah Shongwe nowayengudadewabo weJaji uJeremiah Shongwe.
Indlela abebezwana ngayo kwathi ngo-2011 uHulumeni waseNingizimu Afrika Waxhasa iNgonyama uMswati iii ngemali engu-R2 billion.
Lokhu kwayicasula i-Cosatu eyayithi le mali uHulumeni kaZuma uyipha uMswati iii ukuthi aziqhubekele nempilo emnandi.