Indodakazi kaZuma ifanise owayenguMvikeli woMphakathi nenkawu

Kamogelo Olaitan

UDuduzile Zuma-Sambudla, oyindodakazi yowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, usegxekwe ngokuqhathanisa uThuli Madonsela nenkawu.

UZuma-Sambudla ubephendula umbhalo kaMadonsela waku-Twitter ngeSonto ekuseni lapho lowo owayenguMvikeli woMphakathi ebebhale ukuthi: “Uma wazi ukuthi wenziwe ngomfanekiso kaMdali wakho yazi ukubaluleka kwakho kangangokuthi ungavumeli muntu noma yini ukuthi ichaze ukubaluleka kwakho.

Indodakazi kaZuma iphendule lo mbhalo ku-Twitter ngesithombe sikaMadonsela eduze kwenkawu imqhathanisa nesilwane.

Abantu abaningi abasebenzisa i-inthanethi bebethukuthele baze bamtshela ukuthi asuse lesi sithombe.

UMmusi Maimane, umholi we-One SA Movement uthe lokhu ukucwasa ngokwebala.

“Lokhu kuwukwehlisa isithunzi somuntu wakithi. Ukwehliswa kwesithunzi sikaThuli Madonsela. Umusa wakhe ekuphenduleni awukugunyazi lokhu. Noma ngabe ubani okhuluma lokhu, ukucwasa ngokwebala kuwukucwasa nje. Ngiyethemba uzoba nesibindi sokuhoxisa, uxolise futhi ususe lesi sithombe,” kubhala uMaimane.

Omunye umsebenzisi we-Twitter u-@Rakgdi-M ubhale wathi: “Asikusekeli lokhu, ikakhulukazi uma kusuka kowesifazane omnyama kuya komunye wesifazane omnyama, iseluleko sami kuwe ukuthi ususe lesi sithombe.”

Kodwa uZuma-Sambudla akazange ahlehle uthe ngeke axolise ngombhalo wakhe waku-Twitter.

Angeke ngikwenze lokho. Kuhlanganisa uHelen Zille noMmusi Maimane,” ubhale kanje.

Izihloko zakamuva