Indodakazi kaZanele Magwaza-Msibi iqokelwe izindondo eziphambili kwezokulingisa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Indodakazi yomholi we-NFP ongasekho uGugu Gumede woZalo uqokelwe kuMabhunu Sabela Award akulo nyaka ahlonishwayo endimeni yezamafilimu.

UGugu uyingxenye yabalingisi bomdlalo owuchungechunge oku-Netflix obizwa ngokuthi i-Gone Girls.

Abanye aqokwe nabo kubalwa uSibongiseni Shezi, uSibusisiwe Jili noMenzi Biyela .
Abadlali be-Scandal abaqokiwe kube uKwenzo Ngcobo noNombulelo Mhlongo.

Endaweni Ithonga okuMzansi Magic kuqokwe uNelisiwe Sibiya kanti uke wawina futhi kulezo zindondo ngesikhathi esadlala indawo kaMbali ku-Durban Gen ngonyaka ka-2023.

UThamdo neSthembu lubhekene ne-Real House Wives of Durban nomdlalo icala njengoba bewokelwe emkhakheni owodwa we-best Production.

I-Real House Wives of Durban uqokelwe emkhakheni emithathu isiyonke.

Umlingisi ofike nedumela kwezikaqedisizingu uMamgaliso Mthembu uqokwe emkhakheni we-Best Newcomer.

uSihlalo we-tourism and Film Board Authority uDkt Sbu Ndebele uthe lezi zindondo zibalulekile ngoba zikhumbuza iNingizimu Africa ukuthi ivelaphi futhi ibheke kuphi ukuze abantu bagqugquzeleke futhi bakheke ngezinto ezixoxwa kule midlalo kamabonakude neyasesteji.

Izihloko zakamuva