Kamogelo Olaitan
Indodakazi eshintshe ubulili kasozimali odabuka kuleli u-Elon Musk isifake amaphepha asemthethweni enkantolo ifuna ukushintsha isibongo sayo kanye nobulili eyazalwa inabo.
Emaphepheni afakwe enkantolo yase-California ngoMbasa, lowo owayedume ngelikaXavier uthe akasafuni “ukuphila noma ukuhlobana nobaba wakhe nganoma iyiphi indlela, noma isimo singaba njani.
UXavier Musk, ohlanganise iminyaka engu-18 ngoMbasa, ufuna kwaziwe ngobulili bakhe, kubika i-TMZ.
UXavier, owabelethwa engowesilisa kamuva washintsha ubulili, ufuna igama lakhe lishintshwe abe nguVivian Jenna Wilson.
Isibongo sakwaWilson ngesikamama wakhe wase-Canada, uJustine Wilson, owayeshade no-Elon ekuqaleni kwango-2000.
Akukacaci ukuthi kungani uXavier engasafuni ukuhlobana nobaba wakhe ongusozimali.
Ngo-2020 uMusk wabhala ekhasini lakhe laku-Twitter ukuthi weseka abantu abashintsha ubulili kodwa “zonke lezi zabizwana ziyinto embi”.
Ngokusho kwe-CNBC, ukuphawula kwakhe kwamfaka enkingeni nomphakathi we-LGBTQ+ owawufuna ukuthi axolise “ngamazwi ayiziswana” awashilo.
UMusk akakaphawuli ngesicelo sasenkantolo sendodakazi yakhe .
Ukulalelwa kwesicelo sikaXavier mayelana nokushintshwa kwegama kuhlelelwe ukuba kulolu Lwesihlanu e-Santa Monica, e-California.