‘Indodakazi’ kaPele ifuna amafa ale nkakha 

Isihlabani sebhola lase-Brazil uPele owadlula emhlabeni ngoZibandlela 2022, kusolakala ukuthi wayenengane umndeni wakhe owawungayazi.

UMaria do Socorro Azevedo (60), uthi uyingane yesishiyagalombili kaPele futhi ufuna ingxenye yefa lakhe.

Uthi kufanele athole kwingxenye ka-60% wempahla yakhe eyabelwe izingane zakhe eziyisikhombisa.

Imibiko iphakamisa ukuthi uPele wabhala encwadini yakhe yefa ukuthi kungenzeka abe nengane yesishiyagalombili, indodakazi angakaze ahlangane nayo.

Izingane zikaPele zavuma ukuhlolwa kolibofuzo okwathi imiphumela yabuya ithi-negative. Kubikwa ukuthi ukuhlolwa kuyaqhubeka, kubika i-Sky News.

Ummeli kaMaria ucele ukuthi isidumbu sikaPele simbiwe ukuze kuhlolwe ubaba wakhe, okuyisinyathelo okuthiwa isihlabani sebhola sashona sikuvumile.

Ummeli omele umfelokazi kaPele uthe isicelo sokumbiwa kwesidumbu asinangqondo futhi mancane amathuba okuthi senzeke.

Esitatimendeni sakhe sokuqala, uMaria waveza ukuthi umama wakhe akazange amazise uPele ngokukhulelwa kwakhe.

Izicelo zakhe zokuhlolwa kolibofuzo zaqala ngo-2019 kodwa zabambezeleka ngenxa yezinkinga zezempilo zikaPele kanye nobhubhane lwe-Covid-19.

Indodana kaPele, u-Edinho ongumbonisi wefa, uthe uMaria akayena udadewabo ngokwemiphumela yangaphambilini. 

Le ngqalabutho kubikwa ukuthi inengcebo elinganiselwa ku-£12-million (R288-million) kanti incwadi yefa igunyaza umfelokazi ukuba athole u-30%, u-60% ngowezingane eziyisikhombisa bese u-10% owabazukulu ababili.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UPele. 

Umthombo wesithombe: FIFA

Izihloko zakamuva