Indoda yenziwa inhlekisa ngokugcwalisa itekisi layo ngomthwalo ongajwayelekile

Kabelo Tlhabanelo

Ngenkathi umshayeli wetekisi uSimon Duiker edinga ukuthuthelwa izitini ukunweba indlu yakhe wathola ukuthi amaveni okuqasha ayebiza kakhulu.

Imoto yokuthutha impahla ukusuka endaweni yokugcina impahla yokwakha e-Botshabelo kuya emzini wakhe esigabeni H elokishini bekuzobiza imali engama-R400.

Ngakho-ke uSimon wanquma ukulayisha izitini ngaphakathi etekisini lakhe.

Abantu bamhleka uSimon kodwa wayengenandaba.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngesonto eledlule bengiyothenga amaphalethi amabili ezitini zokwakha. Kwakunamaveni lapho ukusiza amakhasimende ngokuthutha impahla kodwa acela imali engangingeke ngikwazi ukuyikhokha.”

Uthe uthathe isinqumo sokufaka izitini etekisini lakhe azihambise ekhaya lapho ebakha khona amakamelo amabili.

“Ngimbonile lo mlisa obethatha ividiyo kodwa bengizitshela ukuthi ungumngani nabasebenzi abagcina impahla. Ngithukile uma sengifika ekhaya umndeni wami ungikhombisa le vidiyo,” uyasho.

“Ngifuna ukuhlangana nalowo muntu ngimtshele ukuthi bekuyitekisi lami futhi angonanga lutho. Angizange ngixube abagibeli nezitini. Abantu balayisha izinto zokwakha ezimotweni ngaso sonke isikhathi. Itekisi lami alilimele futhi lisasebenza kahle.”

Umshayeli wetekisi uthe uSimon ubenze bahleka.

“Kodwa ungumnikazi wetekisi owungoqo. Imali engama-R400 akuyona imali eningi uma kuqhathaniswa nomonakalo izitini ezizowenza etekisini lakhe. Ngezwa abantu bebiza itekisi lakhe ngokuthi i-‘Stene Taxi’, okusho ukuthi itekisi lezitini.”

Kodwa uSimon uthe akazikhathazi ngokushiwo ngabantu.

“Amakamelo ami ayakhiwa futhi imali sengiyongile. Abantu kufanele bafunde ukunaka izindaba zabo,” uyasho.

Izihloko zakamuva