INDODA KANYE NENGANE ENCANE BABHUBHELE EMLILWENI OMKHULU

Abahlali abebethukile beme bengakwazi ukusiza ngenkathi owesilisa ekhala kabuhlungu, ecela usizo, ngemuva komnyango ovaliwe womjondolo ovuthayo.

Eduze komjondolo, kuzwakale ukukhala nokumemeza kwengane eneminyaka emibili phakathi kwefu elikhulu lentuthu.

Kodwa akekho noyedwa owayekwazi ukubekezelela imililo kanti bobabili babhubhe emlilweni oshiye abantu abaningi bengenamakhaya e-Alexandra ngoMgqibelo ebusuku.

USindiswa Xhabadiya oneminyaka engama-38 owayengumlingani kamufi, uthe wayephuza nesoka lakhe uLungelo Khumalo ethaveni ngenkathi emcela ukuthi amuhambise ekhaya.

“Uthe ulambile,” uyasho.

“Ngibuye naye ekhaya sadla ndawonye. Ngimshiye elele embhedeni wakhe ngabuyela emuva,” kusho uSindiswa.

Kodwa-ke wezwa ukuthi indawo iyasha.

“Ngaphuthuma ngabuyela emuva kodwa umlilo ubuvele umkhulu kakhulu futhi angikwazanga ukusondela.

“Bengimile ngibuka ngenkathi kusha umjondolo. Kamuva, ngemuva kokucinywa komlilo, sithole isidumbu sikaLungelo emlotheni,” kusho uSindiswa.

“Isoka lami beliyikho konke kimi. Ngizomkhumbula kakhulu.”

Abakwa-Scrolla.Africa bakhulume noNtombinkosi Maphipha, ugogo kaThandokuhle Maphipha oneminyaka emibili obelele eduze kukamama wakhe naye oshone emlilweni.

Uthe umama kaThandokuhle uphume ekamelweni waya endlini yangasese engaphandle.

“Ukushona komzukulu wami kungephule inhliziyo,” kusho ugogo.

“Ngaphambi kokuthi abuyele emjondolo, uzwe abantu bekhala ngomlilo. Kodwa besekuvele kunefu elimnyama lentuthu nomlilo omkhulu. Akekho kithi owayenokukhetha. Besimile singazi ukuthi sizokwenzanjani,” kusho ugogo uNtombinkosi.

Balinganiselwa kwabayi-144 abahlali abasale dengwane kanti izimoto eziyi-16 zishile futhi angeke zisalungiseka.

UGogo uNtombinkosi usole abezimo eziphuthumayo zaseGoli ngokudumaza umphakathi.

“Isikhungo sezicishamlilo singaphesheya nje komgwaqo futhi siye khona izikhathi eziningi sicela ukuthi bacishe umlilo kodwa izikhulu zisitshele ukuthi azinawo amaloli athwala amanzi. 

Ngemuva kokulinda ihora, iloli lefikile, kodwa lalingenawo amanzi!” uyasho.

“Izicishamlilo nazo bezimile zibuka umlilo ubhidliza imijondolo.”

Okhulumela i-EMS eGoli uRobert Mulaudzi ukuqinisekisile ukuthi kubizwe izikhulu ezizosiza ukucisha umlilo ngoMgqibelo. Uthe imbangela yomlilo ayikaziwa okwamanje.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni ukaputeni uMavela Masondo uthe amaphoyisa aphenya idokodo lokushona.

Izihloko zakamuva