Lubhalwe nguPalesa Matlala
- Owesilisa oneminyaka elinganiselwa emashumini amabili nento ubudala uzibulale ngokugxuma phambi kwesitimela sasekuseni ngasesiteshini iKhwezi eMofolo, eSoweto ngoLwesine.
- Amaphoyisa acela imindeni edukelwe owesilisa oseminyakeni engamashumi amabili nento ubudala ukuthi ivakashele emakhazeni aseDiepkloof ukuze isize ngokukhomba isidumbu.
Owesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni engamashumi amabili nento uzibulale ngokugxuma phambi kwesitimela esihambayo eduze kwesiteshi iKhwezi eMofolo, eSoweto ngoLwesine.
Ufakazi uCynthia Nko(25) utshele iScrolla.Africa ukuthi ubone le ndoda esiteshini ngesikhathi ilinde isitimela esiya esiteshini saseNhlazani eJabulani.
“Bengicabanga ukuthi umufi ungene kanye nathi esitimeleni. Kodwa kubukeka sengathi ubelinde isitimela ukuthi sisuke esiteshini futhi cishe amamitha ambalwa ukusuka lapho okulindwa khona waziphonsa phambi kwesitimela esihambayo,” kusho uNko. .
Uthe eqeda kuhlala phansi wezwa kukhala ihutha yesitimela kodwa akazange anake ukuthi kukhona oselahlakelwe impilo yakhe.
Isitimela simile ngesikhathi kufanele kwehle abagibeli. Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ase abiya njengoba isidumbu sowesilisa besibambeke ngaphansi kwesitimela.
Okhulumela amaphoyisa uthe okwamanje abazi ukuthi kungani umsolwa ethathe umphefumulo wakhe futhi bayaphenya.
“Umufi ubengakaziwa okwamanje kodwa sicela amalungu omphakathi alahlekelwe othandiweyo, owesilisa okalelwa eminyakeni engamashumi amabili nento ubudala ukuba avakashele i-Diepkloof Forensic Pathology ukuze ahlonzwe.”
Esithombeni esingenhla: Indoda igxume phambi kwesitimela esihambayo eSoweto.
Umthombo: Sithunyelwe