Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Owesilisa (27) wase-Limpopo uzodonsa udilikajele ngokudlwengula ephindelela intombazane (14) ngo-2021.
Intombazane yazisindisa ngokusebenzisa ucingo lomdlwenguli ukuze ishayele unina.
Owesilisa wase-Limpopo uzochitha impilo yakhe yonke ejele ngokudlwengula intombazane amahlandla amaningi.
INkantolo yesiFunda yase-Musina igwebe owesilisa (27) ngemuva kokumthola enecala lokudlwengula intombazane (14) ngo-2021. Inkantolo izwe ukuthi wayiphoqa kanjani le ntombazane emzini wakhe lapho ayidlwengule khona ephindelela.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, intombazane eyacabanga ngokushesha yakwazi ukuthatha umakhalekhukhwini kamdlwenguli wayo. Yasebenzisa wona ukutshela unina ukuthi ukuphi, nokuyinto eyaholela ekutheni atakulwe kulolu sizi.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Stephen Thakeng uncome isibindi sale ntombazane. “Umgilwa ube nesibindi. Uzisizile ngokuzisindisa kulesi simo esibi,” esho.
UConstable Eva Mathwasa ophikweni lwe-Musina FCS nguyena ophenye leli cala nokuyinto eholele ekuboshweni kwalo mlisa.
Inkantolo imthole enecala lokudlwengula, ukuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukucekela phansi impahla kanye nokwenza izinsongo. Izigwebo zakhe ezinzima kunazo zonke odilikajele abathathu ngokudlwengula.
ULieutenant General Thembi Hadebe, uKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo, usamukele lesi sigwebo.
“Siyasijabulela isigwebo futhi sishayela ihlombe umphenyi wecala nethimba ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze umgilwa nomndeni wakhe bathole ubulungiswa obufanele,” usho kanje.
Zonke izigwebo zakhe zizodonsa kanye kanye, okusho ukuthi uzohlala ejele impilo yakhe yonke.
Esithombeni esingenhla: Umphenyi uConstable Evah Mathwasa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
