Indoda ishayelwe ukungafaki isifonyo

UNhlanhla Maphumulo ubone ukuthi usekhohlwe isifonyo sakhe wabe esenquma ukuthi uzothenga esinye uma efika erenki yamatekisi – kodwa lokho akuzange kwanele kubaphathi berenki.

Omashali base-Durban Station Rank, okuyiyona ematasa kakhulu e-KZN, kuthiwa bamhlasela bamshiya ngeso elivuvukele.

UMaphumulo wase-Chesterville utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi wabona ukuthi usikhohliwe isifonyo sakhe.

“Kodwa angizange ngikhathazeke njengoba ngangizothenga esinye esiteshini saseThekwini lapho ngivame ukugibela khona amatekisi abheke ekhaya,” uyasho.

“Kodwa ngenkathi ngiqonde kowesilisa odayisa izifonyo, owesilisa ungibambe ngemuva waqala ukungihlasela. Ngizamile ukulwa ngoba bengingazi ukuthi kungani le ndoda ingishaya.”

UMaphumulo uthe kungene amanye amadoda amabili amngenela ngezibhakela amkhahlela.

“Bangibuze ukuthi isifonyo sami sikuphi. Ngithe ngizama ukuphendula, ukushaywa kwaqhubeka ngaze ngawa phansi,” kusho uMaphumulo obedinwe egane unwabu.

Uthe akalivulanga icala.

Umashali waserenki ukuphikile ukuthi uMaphumulo wahlaselwa.

“Amanga lawo. Asisiyizo izinhlanya thina,” kusho umashali.

“Abantu bayishaya indiva le mithetho bese sisolwa ngalokho.”

Usihlalo we-Santaco esifundazweni, uBoy Ngema usigxekile lesi sigameko wathembisa ukuthi uzophenya.

Amaphoyisa ase-KZN aluleke uMaphumulo ukuthi avule icala ukuze liphenywe.

Umthombo wesithombe: uLungani Zungu

Izihloko zakamuva