Indoda ilahle owesifazane ‘othunjiwe’ ngesizotha egalaji likaphethiloli 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Izithombe ze-CCTV zikhombisa indoda engaqondakali ilahla owesifazane oboshiwe egaraji likaphethiloli eGoli ngemuva kwesigameko sokuthumba izinsuku ezintathu.

Utholwe amaphoyisa esemotweni yakhe ebishiywe egaraji eTurffontein, eningizimu neGoli.

Izithombe ze-CCTV zithwebule ngesikhathi indoda engaqondakali ilahla owesifazane egaraji likaphethiloli eGoli ngemuva kokuthi ethi uthunjwe izigebengu ezihlomile.

I-video iveza imoto ebomvu ingena endaweni yokupaka egalaji likaphethiloli, umshayeli ephuma ngokunganaki ngaphambi kokuba ahambe. Ngemuva kwehora, amaphoyisa afike athola owesifazane eboshelwe esihlalweni esingemuva.

Yilokhu okuqoshwe i-CCTV  yeSowetan zangaleso sikhathi ngeSonto lapho uMbalenhle Miranda Nkomo etholwe khona ngemuva kokuthi ethi uthunjiwe ngoLwesihlanu ngesonto eledlule.

UMbalenhle uthe wathunjwa esendleleni eya emkhulekweni wobusuku bonke eNewtown, eGoli. Utholwe amaphoyisa esemotweni yakhe ebishiywe egaraji eTurffontein, eningizimu neGoli.

Utshele umndeni wakhe ukuthi uthunjwe iqulu lamadoda angaziwa kamuva athi athathe “umuntu okungesiyena nemoto okungeyona”. Bahamba naye balibangisa eMnambithi eKZN baphinde bambuyisela eGauteng bafike bamlahla egaraji.

I-CCTV yasegaraji ibonisa imoto ipaka cishe ngo-3:30 ntambama ngeSonto. Umshayeli, okukholakala ukuthi ungumthumbi wakhe, uhlale ngaphakathi imizuzu engaba ngu-10.  Waphuma ngokunganaki ubuso bakhe bubonakala nje bese waya ebhuthini yemoto. Wakhipha okufana nejakhethi wabuyela esayidini lomshayeli.

Kudlule imizuzwana waphindela ebhuthini wagcine esehamba enyamalala washiya uMbalenhle engaphakathi.

Emuva kwehora elilodwa kwatheleka iqulu lamadoda okukholakala ukuthi angamaphoyisa agqoke izingubo nje ezijwayelekile ngezimoto, aqonda ngqo emotweni kaMbalenhle. Baqale balunguza ngamawindi bama eduze kwemoto bekhuluma bodwa bebuka imoto.

Indlela abaziphathe ngayo idonse amehlo abantu abebesebenza egalaji, nabo abebengunge imoto. Umndeni wakhe wafika kamuva wamyisa ekhaya.

Omunye wabasebenzi basegaraji utshele iSowetan ukuthi bambonile umsolwa efika kodwa bengazi ukuthi kukhona okubi okwenzekayo.

“Ngikhumbula imota ingena kodwa ayikho into ebisolisa , kuze kwafika amapholisa aqonda kuleyomota lapho esibone khona ukuthi kukhona okungahambi kuhle,” kusho ufakazi.

“Bathe bevula isicabha sangemuva, yilaphoke esimbone khona. Lona wesifazane ubeboshiwe, egoqwe ngengubo, ebukeka edidekile futhi ephelelwe amandla. Namanje sisashaqekile; akukaze kwenzeke okunje.”

Kodwa izingxenye ezibalulekile zendaba kaMbalenhle azihlangani.

Ngokusho komyeni wakhe, uSandile Nkomo, unkosikazi wakhe ubevaleleke ku-M2 ngoLwesihlanu, esanda kuphuma ekhaya eya esontweni. Uthe kube nengozi edale ukuthi kuminyane izimoto ngezikhathi zabo-6:30 ntambama.

Kodwa-ke, uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli kanye noMnyango Wezokuthutha eGauteng bathe abanawo umbiko wokuthi kukhona ingozi eyenzeke ku-M2 ngaleso sikhathi.

Ibandla likaMbalenhle ngoMsombuluko lithe alimtholanga uMbalenhle ezithombeni ze-CCTV zenkonzo yangoLwesihlanu.

NgoMsombuluko, uNkomo, obevule icala lomuntu olahlekile, ukhiphe isitatimende esithi uMbalenhle uvinjwe wadunwa imoto ku-M2 ngamadoda abehlomile ambopha izihlakala kusukela ngoLwesihlanu kwaze kwaba ngeSonto ntambama.

Uthe uyelulama ekhaya ngenxa yokuhlukumezeka kanti basazovula amanye amacala emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi icala lokulahleka komuntu livaliwe. Kodwa-ke amaphoyisa awakwazi ukuqhubekela phambili nophenyo lokuthumba kuze kube nguyena uMbalenhle ovula icala.

“Sinxusa umndeni noma isisulu siphumele obala sivule icala ukuze kuqhubeke uphenyo,” kusho uMasondo.

Osesithombeni esingenhla: uMbalenhle Miranda Nkomo. 

Umthombo wesithombe: @VehicleTracker8

Izihloko zakamuva