Indoda igxume isuka ebhulohweni ibalekela izigebengu 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesilisa waseKapa obethukile ugxume ebhulohweni lomgwaqo ebalekela izigebengu ebezifuna ukumbamba inkunzi.

Abanye ababebukele baphakamise ukuthi abuyele emgwaqeni, kodwa wabatshela ukuthi izigebengu zisekhona.

Uqale waba manqika ukugxuma, kodwa amaphoyisa omgwaqo ase-Green Point nezakhamuzi babeke omatilasi abahlanu phansi bamncenga ukuthi agxume ngoba kuphephile.

Ugxumile ngokuphepha kwashaywa ihlombe kwahlokoma nenjabulo esixukwini ebesibuthene ukuzobukela lo mhlola. 

Obebukele uthe bakhululekile ngoba impilo yale ndoda isindile. 

“Okubonwe abantu kuvidiyo yilokho esibhekana nakho eKapa nsuku zonke. Izigebengu zikuphoqa ukuthi ungene ezimweni eziyingozi,” usho kanje.

“Abanye abangabagilwa bobugebengu baphoqeleka ukuthi bagxumele emiseleni egcwele imfucuza; abanye bagijima emigwaqeni ephithizelayo bebaleke. Ngiyajabula ukuthi lesi sigameko siphele kahle,” esho.

Esithombeni ngenhla: I-screenshot. 

Umthombo: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva