Eminyakeni engama-47 edlule, owesilisa wase-Kenya, uJames Mwaura, wathunywa esitolo ukuba ayothenga ilayisi lomndeni wakhe – wase elahleka.
Kuleli sonto, uhlanganiswe nomndeni wakhe sibonga izinkundla zokuxhumana.
UMwaura, manje oneminyaka engama-70, ubeneminyaka engama-23 ngenkathi kuqala ishwa lakhe elibi.
Esikhundleni sokuyothenga ilayisi, walahleka endleleni wazithola ese-Nairobi engenamali noma indawo yokuhlala. Ngesikhathi eyofuna abafowabo, wathole ukuthi sebethuthile.
Ngokusho kwe-citizen.digital wahayikha imoto eyayiya endaweni esemaphandleni lapho aqala khona impilo entsha, wahlangana nowesifazane, washada wahlala phansi. Wabusiswa ngezingane ezintathu futhi unabazukulu abane.
Ngemuva kweminyaka, ephenya ku-Facebook, wazithela kulokho okwakubukeka njengobuso obujwayelekile. Kwakungomunye wabashana bakhe. Wathumela umyalezo baqala ukukhuluma.
Umndeni uhlangane ngenjabulo ngoLwesine, mhla zingama-22 kuNtulikazi – futhi ababuzanga ukuthi wenzeni ngemali yelayisi.