Owesilisa ubulale ingane yakhe ngembazo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa ubulale indodana yakhe enonyaka wahlasela unkosikazi wakhe kanye nomkhwekazi ngembazo ngoMgqibelo ebusuku eLusaka Village, eRitavi, ePolokwane.

Umndeni ubusemcimbini kamakhelwane ngesikhathi lo mlisa efika eshaya umamezala wakhe (57) ngembazo ngesikhathi ebelethe ingane emhlane.

Ube eseshaya umkakhe oneminhaka engu-34 ngembazo esiphongweni ngaphambi kokuba abaleke.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, ingane ishonele esibhedlela, kanti laba besifazane ababili balimele kanzima, basasesibhedlela.

“Amaphoyisa azisiwe kwabe sekubizwa abezimo eziphuthumayo,” kusho uLedwaba.

“Abagilwa baphuthunyiswe esibhedlela sendawo, kodwa ngeshwa ingane yashona. Abesifazane ababili bangeniswe esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima.”

Amaphoyisa akholelwa ukuthi kungenzeka ukuth ukuhlasela kuhlobene nodlame lwasekhaya.

UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe usigxekile lesi sigameko wanxusa izithandani ukuthi zifune usizo ngezinkinga zobudlelwano bazo okunokuthi kube nodlame.

“Izimo ezifuze lezi zisishiya sidangele ngoba sikhuluma nsuku zonke ngodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nodlame lwasekhaya,” kusho yena.

“Nginxusa izithandani ukuthi zifune usizo lochwepheshe uma zihlangabezana nezinselelo zomshado nezobudlelwano.”

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva